Umdlali okhala ngokuhola amakinati kwiDowns udube ukujima
SIHLE NGUBO
Udube ukujima umdlali weMamelodi Sundowns ongeneme ngemali ayiholayo uma iqhathaniswa neyabanye ozakwabo eqenjini.
Impempe ipotshezelwe umthombo ongashayi phansi ukuthi uKhuliso Mudau akeneme neze eqenjini ngoba efuna ukukhushulelwa iholo.
Lokhu sekuholele ekutheni lo mdlali weBafana Bafana adube angaziqeqeshi neqembu.
Imibiko engaqinisekisiwe ithi uMudau uhola imali elinganiselwa ku-R70 000 ngenyanga.
Kuthiwa okukhalisa lo mdlali ukuthi abanye abadlali bahola imali ephakathi kuka-R230 000 no-R350 000 ngenyanga.
Umthombo weMpempe, ozazi zonke zeSundowns, ukuqinisekisile ukuthi uMudau uwabeke phansi amathuluzi ngeledlule
“Yiqiniso. Uyekile ejimini wangaqhubeka nokujima,” kusho umthombo weMpempe.
“NgoLwesithathu noma ngoLwesine wayeka ejimini ngoba enenkinga ngendaba yeholo.
“Angiboni futhi ukuthi uzobe ekhona emdlalweni namuhla (ngeSonto).”
ISundowns izobhekana neRichards Bay FC emdlalweni we-quartfinal yeMTN8, eLucas Moripe Stadium, ePitoli, ngeSonto ngo-6 ntambama.
Ngemuva komdlalo kuzoqhathwa amaqembu azobhekana kweyandulela owamanqamu weMTN8.
Ukungenami kukaMudau sekuke kwavela emasontweni edlule ngesikhathi ebhala ku-Instagram ukuthi: “Umdansi okahle uyazi uma sekufanele ashiye eshashalazini.”
Lokhu kushiye abalandeli bebhola baseNingizimu Afrika bedidekile futhi bephikisana.
Ezinye ezivela eChloorkop zithi uPeter Shalulile usecele ukukhululwa enkontilekeni yakhe futhi iqembu livumile ukwenza lokho.
Lo mdlali sekuke kwavela ukuthi ufunwa eSaudi Arabia lapho imali ikhiwa khona ngamafosholo.
UShalulile ubengalitholi ijezi ngesizini edlule njengoba bekudlala u-Iqraam Rayners noLucas Ribeiro Costa, okuyibona abebehlohla amagoli kompetha beligi.

