Kunesizathu esenza iSafa iqhubeke ‘nokufuya’ uVincent Tseka ogile iBafana
SIHLE NGUBO
Kungithathe isikhashana ukuthi ngizibeke esimeni esikahle sokubhala ngenhlekelele eyichilo eyehlele iqembu lethu lesizwe iBafana Bafana, liphucwa amaphuzu amathathu yiFifa njengoba kudlalwa imidlalo yokuhlungela iNdebe yoMhlaba ka-2026.
Ngicabanga ukuthi okungenze ngalubeka le kude nami usiba lokubhala, ukuthi ingicanula kakhulu le ndaba, ngakho bengingafuni ukwenza lobu budlabha nokunganaki okwenziwe yiSafa noVincent Tseka, oyimenenja yeBafana Bafana.
Yebo impela ngiwukhomba kuTseka yedwa umunwe ngokuthi iqembu lesizwe lakuleli lazithola lidlalisa uTeboho Mokoena kungafanele, ngesikhathi sibhekene neLesotho emdlalweni wokuhlungela iNdebe yoMhlaba ngoMashi nonyaka.
Umsebenzi wemenenja yeqembu lesizwe ukuthi konke ikushicilele phansi mayelana nabadlali abathole amakhadi nokunye nje okuningi okuthinta iqembu.
UTseka uyena okwakumele aphenye amabhuku akhe, akhumbuze ithimba labaqeqeshi kwiBafana Bafana ukuthi yilaba abadlali abanamakhadi, okungamele badlale.
Engizibuza kona njengamanje ukuthi ngabe yena Tseka lowo wayekwazi lokho na? Impendulo engizinika yona ithi CHA.
Ngiyezwa nje abanye bethi umdlali uqobo (uTeboho Mokoena) nomqeqeshi (uHugo Broos) bekumele bakhumbule ngalokhu, babe nolwazi lokuthi le njini yeMamelodi Sundowns kwakungamele idlale sibhekene neLesotho.
Angifuni ukukhuluma kakhulu ngalokho, nokuphikisa labo abasho kanjalo, kodwa kunendoda eyakhetha ukuhuqa ubuthongo emsebenzini, sazithola sinenkinga engenasidingo – igama layo uVincent Tseka.
Isabani vele iSafa ukumkhomba eza ngayo lo Tseka wakhona? Sishaya izibalo njengezingane zesikole nje, yimikhuba yalo Tseka.
Ngiyezwa nokho ukuthi umfo kaTseka akanyakaziseki, futhi ubabambe ngqi ngamankwahla laphaya ’emjondolo’ weSafa, ohlale unenqwaba yezinkinga.
Kuthiwa wake wabesabisa ngokuthi abake balokothe phela bamxoshe, uzobaphenya amabheshu ngamunye, zihlale ngaphandle okwempahla yembuzi izinqe, kubuke lonke izwe leli.
UTseka wakhona lo wazi konke ngemikhoshosho nemigilingwane eyenziwa izikhulu zeSafa, eholwa umengameli uDanny Jordan, okumanje unecala lokukhwabanisa izigidi kule nhlangano.
Yingakho nje lo Tseka egcagcaza, enza umathanda nezinto ezibuyisela emuva iqembu lesizwe, iBafana Bafana.
Le ndoda seyibe nezinkinga eziningi ezimbandakanya ukuhluleka ukuthola indawo yokuzilolonga yeBafana Bafana, nokuthatha isikhathi ukulungisa amaphepha okusebenza kaBroos ngesikhathi efika.
Ngeke kodwa bamxoshe uTseka ngoba ufana nomzukulu ohlale ebona ugogo kwesikabhadakazi, egibela imfene yakhe eseyokwenza umsebenzi wakhe wokuthakatha.
Lowo mzukulu isithandwa sikagogo, into engashaywa, into ecisha iTV nihleli nonke nithi niyayithethisa athi ugogo ‘yekani ingane iyadlala bo’.
Okubuhlungu nje ukuthi kulula ukuxosha abanye abasebenzi kwiSafa njengoba kwenzeke kuNamhla Mphelo kuwona lo nyaka.
UMphelo, obengumxhumanisi weSafa nabezindaba, uxoshelwe ukuthi waputshuzela ikomiti leNEC ukuthi kuno-R10 million wenhlangano okusolakala ukuthi waya kumengameli uJordan ngesikhathi seCOVID-19, ngo-2020.
UMphelo uthi akahlangene nalokhu futhi kwangishiya ngibambe ongezansi ukuzwa ethi kanti ubehola u-R16 000 kwiSafa, yonke le minyaka esebenza kuyona. Ihlazo lodwa!
Kodwa phela ihlazo alaziwa kwiSafa ngoba kuphinde kwavela ukuthi umqeqeshi waMajita (Under 20), uRaymond Mdaka, uhola imali engaphansi kuka-R25 000.
Yize ngingazi kodwa ngingama ngekhanda ngikutshele ukuthi lo Tseka owenze iBafana Bafana yaphucwa amaphuzu abalulekile amathathu, uyikha ngamahalavu imali kwiSafa.
Kuyazicacela nje ukuthi ayikho into eyenziwa laphaya kwiSafa kodwa ukukhuluma ngokuthi kumele kushintshwe izinto kuloya mjondolo, kufana nokucela uDonald Trump ukuthi akathande futhi emukele izitabani. Shwiii

