EzakamuvaIbhola

Laba ngabe bakwi-Afcon neBafana kodwa babanjwe amambawu 

Kunabadlali baseNingizimu Afrika okumele ngabe baseqenjini lesizwe iBafana Bafana kodwa ngenxa yamambawu bazobe bebuka i-Africa Cup of Nations (Afcon) ka-2023 besaqhubeka nakho ukuphuza.

Njengamanje kukhona ukungalethembi kahle (kwabanye) iqembu elihlanganiswe umqeqeshi uHugo Broos, njengoba kuzoqala i-Afcon e-Ivory Coast ngempelasonto.

Ngabe lokhu kungabaza iqembu lesizwe akukukhulu kangaka ukube abadlali abafana noPhakamani Mahlambi balihloniphile ikhono labo lebhola, baphinde bazikhumbuza ukuthi utshwala abubaleki.

Nakanjani uMahlambi, owake wayibamba kwiMamelodi Sundowns, kufanele ngabe use-Ivory Coast.

Futhi ngabe ungomunye wabadlali okubhekwe ukuthi basize iBafana njengoba izama ukubuyisa udumo lwayo lwakudala e-Afrika. 

Kodwa lo mdlali akanaqembu kuyimanje ngenxa yokwehluleka ukuziphatha.

Inkinga yotshwala kuMahlambi yaziwa yiwo wonke umuntu. 

UGavin Hunt usanda kuchaza ukuthi lo mdlali, ayemqeqesha kwiBidvest Wits, wake wamkhuza ephuza nabangani imali seyifinyele ku-R45 000 lapho babehleli khona.

Nalapho babengamile besaqhubeka nokuphuza, waze wathetha uHunt.

Omunye umdlali okufanele ngabe ukwi-Afcon ngu-Andile “Mhlekazi” Jali. 

Naye lo mdlali, odabuka eMatatiele, inkinga yakhe enkulu utshwala nokuyinto emxoshise kwiMamelodi Sundowns ngesizini edlule.

UJali, ongukaputeni weMoroka Swallows FC, alingatshazwa ikhono lakhe esiswini futhi ubengashaya into ethule ebambisene noTeboho Mokoena weSundowns, okhona kwiBafana. 

Makhulu amathuba okuthi ubezoba khona noJali kwiBafana, ukube ubesadlala kwiSundowns futhi ezimisela.

Abadlali abakwi-Afcon abadle ngezikhwepha, badinga umdlali ofana noJali onenkani, ongayingeni indaba yokwehlulwa omunye umfana uma bebanga ibhola. 

Ngenxa yotshwala ngeke sikubone lokho.

UDumisani Zuma, owake wagijima kwiKaizer Chiefs, kumele ngabe ukude nebhola kodwa into asekhathule kakhulu kuyona ukuphuza utshwala.

Lo mdlali weSwallows ubengeke asale eqenjini likaBroos ukube ubeka umqondo wakhe ebholeni, aphinde asebenzise ikhono lakhe elingathandabuzwa kunobhutshuzwayo.

UZuma waxoshwa kuMakhosi ngenxa yotshwala, ngemuva kokuthi bezame isikhathi eside ukumsiza. 

Ufike kuMaZulu waqhubeka nokuphuza wagcina ededeliwe.

USteve Komphela ubalandile oZuma, uJali noGabadinho Mhango, yize azi kahle ukuthi bahlupha ngokuphuza. 

Kuvelile nokho ukuthi uZuma ubeseqalile ukwenza adume ngakho efika ebuhlabile ejimini yeZinyoni.

UMahlambi, uJali noZuma, asebeke bayidlalela iBafana, bayazi nabo lapho bekhona ukuthi kumele ngabe bakwi-Afcon ngaphandle kokungabaza. 

Nokho uthando lotshwala nobumnandi kwenzele phansi isizwe engabe sinokuzethemba okukhulu kunalokhu esinako.