EzakamuvaIBafana Bafana

UHugo Broos ufake iBafana Bafana kwiNdebe yoMhlaba

SIHLE NGUBO

INingizimu Afrika iqede ishobolo leminyaka engu-21 ihluleka ukuzibekisela indawo kwiNdebe yoMhlaba, nokuyinto ebisiqala ukuba yisilonda eqenjini lesizwe lakuleli.

IBafana Bafana ishaye iRwanda ngo 3-0 emdlalweni wokugcina ngci wokuhlungela iNdebe yoMhlaba, eMbombela Stadium, ngoLwesibili ebusuku.

Iqembu lesizwe lakuleli beliye kulo mdlalo linengcindezi kakhulu ngemuva kokuphucwa amaphuzu amathathu yiFifa, nokuhluleka ukushaya iZimbabwe ngoLwesihlanu.

INingizimu Afrika iyona eqale kahle umdlalo ikhombisa ukuthi iyawadinga amagoli kulo mdlalo.

Belukhona uvalo lokuthi kuzoba nenkinga yokuthi iBafana Bafana ishaye amagoli, njengoba kwenzekile ibambana neZimbabwe ngo 0-0, eMoses Mabhida Stadium, eThekwini, ngoLwesihlanu.

Nokho kushintshe konke lokho uThalente Mbatha eshaya igoli lokuqala leqembu lasekhaya ngomzuzu wesihlanu.

Lokhu kunike abalandeli ithemba lokuthi aseza amanye amagoli ngoba iBafana Bafana ibiwadinga kakhulu.

IBafana iqhubekile nokucindezela u-Oswin Appollis washaya igoli lesibili ngomzuzu ka-26.

Ngesiwombe sesibili iBafana Bafana iqhubekile nokucindezela futhi akumangazanga u-Evidence Makgopa elibeka phakathi elesithathu ngomzuzu ka-72.

Okuweze ngelibanzi iBafana Bafana ukuthi iNigeria idedele isibhaxu sika 4-0 kwiBenin komunye umdlalo kaGroup C.

Ukunqoba kweBenin bekungawaqeda nya amathuba okuya kwiNdebe yoMhlaba kwiBafana Bafana, ngoba bekuyiwe kule midlalo (iBenin) iqhwakele kuleli qoqo.

INingizimu Afrika igcine ukuzibekisela indawo kwiNdebe yoMhlaba ngo-2002 idlalelwa eJapan.

Lokhu kuchaza ukuthi ingane eneminyaka engu-21 iqala ngqa ukuzwa kuthiwa iBafana Bafana iyodlala kwiNdebe yoMhlaba kwelinye izwe.

Iqembu lakuleli ligcine ukudlala kwiNdebe yoMhlaba yoMhlaba ngo-2010 ngesikhathi ibanjelwe eNingizimu Afrika.

Sasingekho isidingo sokudlala imidlalo yokuhlunga ngalesi sikhathi ngoba eyayingosokhaya.

UHugo Broos uyena ofike washintsha izinto kwiBafana Bafana ngo-2021, kade ihluleka nokuzibekisela indawo kwi-Africa Cup of Nations (AFCON).

Nyakenye iBafana Bafana idlale kwi-AFCON e-Ivory Coast, yagcina iphume isithathu, ngaphansi kwalo mqeqeshi waseBelgium.

NgoDisemba iqembu lesizwe lakuleli lizolibangisa eMorocco ukuyodlala kwi-AFCON, okwesibili ngaphansi kukaBroos.