UMotaung ugcwele ukuzethemba ngeChiefs ezodlala kweyamaqoqo yeConfed Cup
SIHLE NGUBO
Okokuqala ngqa emlandweni iKaizer Chiefs izoyibamba emidlalweni yamaqoqo yeCAF Confederation Cup, njengoba ise-Egypt ukuyobhekana ne-Al Masry eSuez Stadium, ngeSonto ngo-6 ntambama.
UKaizer Motaung Junior, oyiSporting Director yeqembu, usezwakalise ukuziqhenya kakhulu ngokuthi Amakhosi azophinde abe yingxenye yalo mqhudelwano, osungene kwelinye igiye manje.
IChiefs igcine ukuyibamba kwiCAF Champions League ngo-2021, lapho ishaywe khona yi-Al Ahly yase-Egypt ngo 3-0 kowamanqamu.
“Ngijabule kakhulu. Leli yizinga lase-Afrika. Yilapho sifuna ukuba khona,” kusho uMotaung kwi-website yeChiefs.
Amakhosi aseqoqweni elinzima njengoba eboshelwe ne-Al Masry neZamalek, okungamaqembu ase-Egypt, kanjalo neZesco United yaseZambia.
Nokho uMotaung ukholwa ukuthi sebekwenze konke ukulungiselela le midlalo, ukuze badlulele kweyomkhumulajezi.
“Silindele isivivinyo esinzima e-Egypt eyaziwayo ngogqozi lwayo lwebhola,” kuqhuba uMotaung.
“Ngemuva kokuqhathwa kwamaqembu bekumele sizilungiselele ngokwanele, futhi njengoba siphuma ekhefini leFifa, bekumele silisebenzise ngendlela. Ngakho siyethemba sizonika abalandeli bethu umdlalo omuhle.
“Ithimba labaqeqeshi belibafakele abadlali. Abantu esizobhekana nabo sibacubungule ngokwanele, ngakho kunomuzwa omuhle ekhempini ngalo msebenzi osihlalele.”
Ngemuva komdlalo wase-Egypt iChiefs izokwamukela elinye iqembu lakuleli lizwe iZamalek, eNew Peter Mokaba Stadium, ePolokwane, ngoMgqibelo kaNovemba 29.
“Wonke umuntu kuleli qoqo udlalela ukunqoba futhi le midlalo emibili enzima ibaluleke kakhulu njengoba siqala.
“Kodwa siyakholwa ukuthi sizoba yingozi futhi sifuna ukuthola amaphuzu aphelele.”
Eqenjini elihambe neChiefs kukhona uThabiso Monyane noPaseko Mako asebeluleme ekulimaleni.
Kubadlali abathintekile okusabhekwe ukuthi balulame, kukhona uRushwin Dortley, uGiven Msimango, u-Ethan Chislett, uNkanyiso Shinga, uKhanyisa Mayo noFiacre Ntwari, obesanda kuhlinzwa ehlombe.

