EzakamuvaIbhola

‘Abalandeli beChiefs bayangizonda,’ kusho uGeorge Maluleka

INTATHELI YEMPEMPE

Owayengumdlali wasesiswini weKaizer Chiefs, uGeorge Maluleka, ukhala ngokuthi abalandeli baleli qembu laseNaturena abamfuni nalapho behambe khona.

Lokhu kwaqala ngesikhathi lo mdlali eshiya iChiefs ejoyina iMamelodi Sundowns ngesizini ka-2020/2021.

Ngaleso sikhathi iChiefs yayinethuba lokunqona isicoco seligi nokuyinto eyagcina ingenzekanga.

Abalandeli baMakhosi bakholwa ukuthi iSundowns yalanda uMaluleka eNaturena ngoba ifuna ukuphazamisa umgqigqo weChiefs, hhayi ngoba yayimdinga lo mdlali.

“Bayangizonda (abalandeli beChiefs),” kusho uMaluleka oke wadlala nakuMaZulu FC.

“Kuze kube yimanje bayangizonda, okungenankinga ngoba bayazi ukuthi kwenzekani. Bayangizonda.

“Kodwa abanye abalandeli beChiefs bangikhombisa uthando nenhlonipho ngokudlalelq iqembu nakho konke.

“Iningi labo kodwa liyangizonda, okuyinto engenkinga, yingxenye yempilo.

“Abalandeli beLiverpool bethuka uTrent Alexander-Arnold njengamanje, ngokushiya aye kwiReal Madrid. Lokho kuyingxenye yempilo nebhola.

UMaluleka uthe uzoliveza iqiniso nokuthi kungani ngempela ashiya Amakhosi waya kwiSundowns, ochungechungeni lwempilo yakhe aluqophayo njengamanje.

“Ngangihlele ukugcina konke lokhu kimina kodwa ngizokuveza kwenye yezindawo, okungaba yiNetflix noma iDisney.”

Omunye umdlali ongathandisiswa abandeli beChiefs uGeorge Lebese.

Naye lo mdlali washiya iChiefs wajoyina iSundowns okuyinto engehlanga kahle kubalandeli baMakhosi.

ULebese useke waxolisa ngesenzo sakhe kuBobby Motaung oyimenenja yeChiefs.

Wavuma ukuthi uMotaung wayemncenga ukuthi angahambi futhi imali ayefuna avuselele ngayo inkontileka yakhe yayiyinhle kakhulu.

Bobabili uMaluleka noLebese abazange bahlale kwiSundowns futhi ngemuva kwalokho kuphelile ngabo ebholeni.