EzakamuvaIbhola

Kuvela  ofuna ukuvala esikaKhoza kwi-PSL

Umengameli waMaZulu FC, uSandile Zungu kuvela ukuthi ulobizela isikhundla sokuba ngusihlalo we Premier Soccer League (PSL).

Kuthiwa uzibona kunguye okufanele angene kulesi sikhundla ngemuva kukaDkt Irvin Khoza okunguye usihlalo njengamanje. 

NgeSonto Impempe ibike ukuthi uKhoza usecabanga ukuthi khumu uma kuphela ihlandla lakhe lamanje.

Nokho kuvele ukuthi abaxhasi abayizwa kahle leyo njengoba bemethemba futhi sebesebenzisane naye isikhathi eside.

Nabanye abaphathi bamaqembu kuthiwa basamncenga ukuthi ajike lesi sinqumo sakhe, aqhubeke nesikhundla.

UZungu, osanda kungena ebholeni elikhokhelayo, kuthiwa useqalile ukuzwa amanzi ngobhoko kwabanye bozakwabo abazovota.

OkaManzini ungene ebholeni le-PSL ngokuthenga AmaZulu FC emndenini wakwaSokhela eminyakeni emine edlule. 

Nokhoo umthombo weMpempe uveza ukuthi ozakwabo aseke wakhuluma nabo abamuzwa kahle kusazomele abanxenxe kahle ukuze bavume. 

Njengoba ukhetho lwe-PSL luzoba ngoNovemba, kusazocaca ukuthi obani abanye abasifisayo lesi sihlalo uma uKhoza egcina ngokuthi uyasishiya. 

Kwabanye okungase bavele kukhona usihlalo weCape Town City uJohn Commitis osenesikhathi eside esebholeni.

NoMato Madlala weGolden Arrows angaphakama njengoba esenesikhathi eside esebenzisana noKhoza.

UMato Madlala kumanje useneminyaka engaphezu kwemihlanu esebenza njengesikhulu esiphezulu esibambile kwiPSL.