OweChiefs ufisa ithoseke inganyakazi iZamalek ekusheni kwasePolokwane
SIHLE NGUBO
UKaizer Motaung Junior, oyiSporting Director kwiKaizer Chiefs, akalilahlile nakancane ithemba ngokuqhubekela phambili kweqembu kwiCAF Confederation Cup ka-2025/2026.
IChiefs iyiqale ngebatha imidlalo yamaqoqo yeConfederation Cup, ithelwa othulini yi-Al Masry yase-Egypt, ngo 2-1 ekuhambeni ngeSonto.
Lokhu kuwafakele ingcindezi enkulu Amakhosi eqoqweni lawo uGroup D, elibukeka linzima kakhulu.
Nokho uMotaung uthi kumele banqobe nakanjani uma sebebhekene neZamalek yase-Egypt, emdlalweni wesibili eNew Peter Mokaba Stadium, ePolokwane, ngoMgqibelo ngo-3 ntambama.
UMotaung wethembe ukuthi kuzoshisa kakhulu ePolokwane uma sebemukela iZamalek ngoMgqibelo, okungenza abadlali baleli qembu bahluleke ukudlala ngendlela abajwayele ngayo.
“Okusemqoka ukuthi sithole umphumela omuhle ekhaya,” kusho uMotaung ngesikhathi kunesithangami nabezindaba, kuvaleliswa iqembu leDStv Diski Challenge (DDC) eliya e-England.
“IZamalek izoba yiqembu elinzima, elinomlando omkhulu, futhi lisanda kushaya iZesco United yaseZambia emdlalweni wokuvula kuGroup D.
“Ngeke kube lula kubona ukuza ngapha, baye ePolokwane bayodlala ekushiseni ngo-3 ntambama.”
E-Egypt akudli ngokushisa kakhulu, kanti vele njengamanje sekungene ubusika khona.
“Ngicabanga ukuthi wonke umuntu angabheka emuva akhumbule uhambo lweqembu kwiChampions League ngo-2021.
“Emdlalweni wokuqala sashaywa yiWydad ngo 4-0 kodwa sagcina sifinyelele kowamanqamu.
“Ngakho kumele sigxile kulokhu esikwenzayo ngoba lokhu (eyamaqoqo yeConfederation Cup) kufana neligi.”
Komunye umdlalo kaGroup D kuzobhekana iZesco United ne-Al Masry eZambia ngoMgqibelo.
Nakanjani iZesco izofuna ukuvuka izithathe ngemuva kokushaywa yiZamalek ngo 1-0 e-Egypt.
Ngemuva kwe-Africa Cup of Nations eMorocco, iChiefs izovakashela iZesco United eZambia bese iZamalek ne-Al Masry batholane phezulu e-Egypt.

