EzakamuvaIbhola

UPitso Mosimane kumele akhokhele iSundowns izigidi

SIHLE NGUBO

Icala eselidonse iminyaka elithinta izigidi phakathi kweMamelodi Sundowns nowangumqeqeshi wayo, uPitso “Jingles” Mosimane, seligcine limgwinyile lo mqeqeshi.

Leli cala bese lidonse iminyaka kanti lithinta izigidi ezanikwa iMT Sports Agency noMosimane.

Likhipha isigwebo kuleli sonto, ijaji uShaanaz Mia eSouth Gauteng High Court, lithe abasolwa kumele bakhokhe u-R7,912,905.00 no-7% wenzalo yonyaka, kusuka ngoMeyi 10 ngonyaka u-2021, kuze kube usuku lokukhokha.

Leli cala eselidonse isikhathi eside, lafakwa yiSundowns ifuna kubuye ingxenye yemali eyakhokhelwa iMT Sports ngemuva kokuthi uMosimane eshiye iSundowns waya kwi-Al Ahly yase-Egypt, kusaphele izinyanga ezine kuphela esayine inkontileka entsha yeminyaka emine ngo-2020.

Abasolwa bazama ukuphikisana necala ngezinto eziningi kumbandakakanya nokuthi kwakumele liphathwe yiPremier Soccer League Dispute Resolution Chamber, hhayi inkantolo.

Nokho ijaji uMia likhipha isigwebo ngo-Agasti 19, 2025, lithe inkantolo bekufanele ihlalele leli cala.

Into ebibangwa kakhulu umthetho (wokubuyisela imali emuva) enkontilekeni yeMT Sports, abasolwa ababekholwa uphambene nenqubo nomthetho.

Lo mthetho ubuthi iSundowns kumele ibuyiselwe imali eyikhomishini, eyayikhokhela uMosimane ngesikhathi engaseyena umqeqeshi weqembu, esikhathini esiyizinyanga eziyisithupha.

I-MT Sports, ephethwe uMoira Tlhagale, ongunkosikazi kaMosimane, yakhokhelwa u-R8,623,260.00, okuyimali ewu-10% wenkontileka yokugcina kaMosimane neSundowns, ngesikhathi seCOVID.

Ijaji uMia ligcizelele ukuthi: “Ngesikhathi kusayinwa inkontileka uMosimane wayazi ngalo mthetho kodwa wakhetha ukusayina isivumelwano, nokuyinto eyamnika iholo elithe xaxa nokunye okungaphezulu.

“Isivumelwano sasizuzisa yena futhi wayazi ngomphumela wokusisayina namalungelo nezibopho ezazikusona.”

UMosimane ube nesikhathi esihle kuBafana Ba’Style phakathi kuka-2012 no-2020 lapho eshiye khona wajoyina izinkunzi zase-Egypt, i-Al Ahly.

Kuleli qembu laseChloorkop unqobe isicoco seligi kahlanu, nendebe yeCAF Champions League ngo-2016.