EzakamuvaiDStv Premiership

ULorch angase azithole ephathiswa okwentandane kwiDowns

SIHLE NGUBO

UThembinkosi Lorch angase azithole esenkingeni kwiMamelodi Sundowns njengoba engasekho umqeqeshi owamlanda kwi-Orlando Pirates, uRulani Mokwena.

Yinto eseyaziwa ukuthi uMokwena ushiye kwiSundowns ngoba engaboni ngaso linye neSporting Director, uFlemming Berg. Nokho okunye osekuvelile ukuthi imbangela yokungezwani kwalaba bobabili, kwaba ukusayinisa uLorch.

UBerg kuthiwa ukholelwa kubafana abasebancane ngakho wayengayizwa indaba yokuthi kulandwe uLorch oneminyaka engu-30. Omunye umdlali angayizwa indaba yokuthi kwelulwe inkontileka yakhe uBerg, yingwazi endala yeSundowns uThemba “Mshishi” Zwane.

Nalapho kuyavela ukuthi uMokwena ubefuna aqhubeke nokudlala uZwane kodwa uBerg ethi akanganikwa inkontileka entsha ngoba usemdala. UJomo Sono ongumphathi weJomo Cosmos, uveze akwaziyo ngokuhamba kukaMokwena kwiSundowns.

“Wayixoxa le nto nami. Umuntu omkhulu laphaya. Le ndoda emhlophe, ubani igama layo? UBerg? Ya ya! Wayengamfuni uLorch ngoba ekholwa ukuthi usemdala, ngeke ufake imali enkulu kumdlali oseneminyaka engaphezulu kuka-30,” kusho uSono kwiMSW with Robert Marawa.

“Ngabe sengithi kuyena (uRulani), buka la ngeke ngizifake kwipolitiki yeSundowns. Kunzima ukukunika iseluleko kulokhu.

“Angifuni ukuzifaka. Uma nje ngike ngaqala ngavula umlomo kuzoba ngemuva, phakathi naphambili emaphephandabeni. Angifuni ukungena, yisinqumo sakho. Uma umfuna mlwele. Uma ufuna into uyayilwela, uma ungayifuni awuyilweli.”

Konke lokhu kushiya imibuzo ngokuthi uLorch uyoke alinikwe yini ithuba lokudlala njengoba esehambile uMokwena. Inkinga enkulu ukuthi iWydad Athletic Club, asanda kuqashwa kuyona uMokwena, ayivunyelwe ukusayinisa abadlali okwamanje. Akukho ukuthi uMokwena amlande lo mdlali ayodlala kuleli qembu laseMorocco.