EzakamuvaIbhola

UBarker ucacisa imbangela yokushiya iStellenbosch FC

SIHLE NGUBO

Uchaza ngesinqumo sokushiya iqembu abesehlale kulona iminyaka obengumqeqeshi weStellenbosch FC, uSteve Barker, omangaze abaningi elaxaza iStellies.

Izindaba zokushiya kukaBarker kwiStellies, zisabalale ngoLwesihlanu ntambama. Kube sekusheshe kuvela ukuthi usezoqeqesha iSimba SC, yaseTanzania.

Esitatimendeni esithunyelwe yiqembu, uBarker uthe ubesefuna ukuthola enye inselelo, aphinde akhule njengomqeqeshi.

“Ngiyajabula kodwa futhi kuthanda ukungabi mnandi kahle,” kusho uBarker.

“Kodwa ngicabanga ukuthi isikhathi sikahle ukuthi iStellenbosch iqale kabusha nomuntu omusha ozophatha.

“Okwami ukufisela iqembu ukuqhubeka nempumelelo esikhathini esizayo.

“Ngikholwa ukuthi ukuthatha inselelo entsha nejabulisayo, nelinye lamaqembu amakhulu ezwenikazi, yinto okumele ngiyenze ukuze ngikhule, ngiphinde ngifeze izinjongo zami njengomqeqeshi.

“Ngiyabonga kakhulu ukuthi isikhathi sami ngikwiStellenbsch, singisizile ukuthi ngivule lowo mnyango.

“Ngithanda ukubonga wonke umuntu eqenjini, ngokudlala indima ebalulekile esikhathini engibe kusona kwiStellenbosch.

“Ngizohlale ngikujabulela konke okuhle esikwenze ndawonye.”

Lo mqeqeshi ubesehlale kwiStellies iminyaka ecela kweyisishiyagalolunye, okumenza umqeqeshi obesedonse isikhathi eside kunabo bonke kwiPSL, ecija iqembu elilodwa.

UBarker ufike kwiStellies ezoba yiphini lomqeqeshi uSammy Troughton. Ngo-2017 unikwe isikhundla sokuba wumqeqeshi oyinhloko eqenjini.

Ngesizini ka-2018/2019 iStellies idle umhlanganiso kwiMotsepe Foundation Championship, yanyukela kwiPremiership.

Uqhubekile uBarker nokucija iqembu, laze lanqoba indebe yeCarling Knockout Cup ngo-2023.

Ngaphansi kukaBarker iStellies idlale imidlalo yamanqamu yeMTN8 emibili, ngo-2024 nango-2025. Kuyona yomibili ishaywe yi-Orlando Pirates.

UBarker, ongumshana kaClive Barker owayecija iBafana Bafana, ongasekho, uphinde wafaka iStellies kwiCAF Confederation Cup, kabili amasizini elandelana, kubalwa nalena eqhubekayo.