ISharks iKhisimuse abalandeli ngokushaya izimbangi iBulls
SIHLE NGUBO
I-Hollywoodbets Sharks inike abalandeli bayo uKhisimusi omnandi ishaya izimbangi ezindala iVodacom Bulls ngo 21-12, emdlalweni weVodacom United Rugby Championship, eKings Park Stadium, eThekwini, ngoMgqibelo.
Lo mdlalo ububhekwe ngabomvu futhi amathikithi awo asheshe aphela, okuchaza kona ukuthi abalandeli bebezimisele ngawo.
ISharks iye emdlalweni ishayela phezulu kulandela ukushaya iSaracens kuyona le nkundla ngempelasonto edlule.
Umdlalo ubuphethwe yiBulls emizuzwini eyishumi yokuqala, iSharks ingakwazi ukuphuma engxenyeni yayo.
Nokho ngomzuzu ka-15 iqembu lasekhaya lishaye i-try kade kuhlasela izivakashi, kanti ize noHakeem Kunene, obegqoke unombolo 15.
UKunene ubeqale umdlalo ngoba u-Aphelele Fassi uthintekile ngeledlule bebhekene neSaracens.
ISharks ihambe phambili imizuzu embalwa, iBulls yathola iphenathi ngomzuzu ka-19, wayibeka phakathi uHandre Pollard, kwaba ngu 7-3.
Ubuyile futhi uPollardvngomzuzu ka-24, washaya enye iphenathi kwaba ngu 7-6.
Ngemuva kwalokho zike zashukana lingekho iqembu ebelifuna ukuzibeka phansi.
ISharks ibilokhu iqhubeka nokwenza amaphutha nobekuholela ekutheni izivakashi ziphunyule emlonyeni wengwenya.
Ngomzuzu ka-38 elinye lamaphutha liholele ekutheni kudaleke iphenathi, wayihlohla phakathi uPollard, yahamba phambili ngo 9-7 okokuqala iBulls.
Zithe ekhefini kumi kanjalo kodwa okuhlalukile ukuthi iBulls ibidlala kangcono, ishaya amaphenathi kuphela.
Isiwombe sesibili sibuye ngokuthi iBulls ithole enye iphenathi, uPollard wangalenza iphutha wayibeka phakathi ngomzuzu ka-57.
I-try eyenze iSharks yabuyela emdlalweni ibekwe emgqeni uSiya Kolisi ngomzuzu ka-71, kwachwaza iKings Park.
Ngesikhathi sekungu 14-12, kuhamba phambili iSharks, bese kubanjwe umoya ngoba bekusengenzeka noma yini.
Nokho u-Edwill van Der Merwe ukuqede konke ukungabaza ngomzuzu ka-77, eshaya i-try yesithathu yeSharks, kwacaca ukuthi seyiwunqobile umdlalo womkhaya.

