EzakamuvaIbhola

Ukuxoshwa kweRoyal AM kuzoshintsha izinto ekunyukeni kwamaqembu  

SIHLE NGUBO 

Ukuxoshwa kweRoyal AM yiPremier Soccer League (PSL) kuzoza nesinye isiphithiphithi esihambisa nezinye izinkinga.

Isigungu sekomiti eliphezulu sePSL kulindeleke ukuthi sibe nomhlangano ngoLwesine oluzayo, lapho kuzoqinisekiswa khona ukuthi iThwihli Thwahla iyaphucwa ubulungu beNSL kulandela ukhululeka ukudlala imidlalo yayo kusukela ngoDisemba nyakenye.

IRoyal AM iphazanyiswe ukuthi ibisingaphansi komqoqi wemali wakwaSouth African Revenue Service (SARS) ngoba ikweleta u-R40 million wentela.

Ibe khona imizamo yokuthi iSARS idayise leli qembu likaShauwn Mkhize ukuze ibuyelwe yimali yayo kodwa yagcina ingaphumelelanga.

Kuvele ukuthi uMageshpren Moodley okunguyena obenikwe ithuba lokuthenga iqembu esidlangalaleni uhlulekile ukukhokha u-R25 million zingakapheli izinsuku ezimbili njengokomyalelo.

Konke lokhu kushiye iPSL nesinqumo sokuyixosha iRoyal AM ngoba izinkinga ezithinta yona bese zidonse isikhathi eside.

Okuvelayo ukuthi iRoyal AM izothathwa ngokuthi ibingekho kule sizini nokuchaza ukuthi wonke amaqembu angu-15 azodlala imidlalo engu-28 – ingabalwa nhlobo eyeThwihlwi Thwahla, ebisadlale engu-11.

Umbuzo omkhulu owokuthi indaba yezembe izohamba kanjani kwiBetway Premiership kanjalo nakwiMotsepe Foundation Championship.

Ngokomqulu wePSL isigungu sekomiti eliphezulu sinelungelo lokushintsha indlela amaqembu enyuka aphinde agawulwe yizembe ngayo ekupheleni kwesizini.

Uma sewuchitshiyeliwe lowo mthetho ngoba kuphoqa isimo esithile, kuyaye kulandelwe wona ekupheleni kwaleyo sizini kuphela.

Lokhu kuchaza ukuthi iPSL ingathatha isinqumo sokuthi iqembu elizoqeda endaweni ka-15 kwiPremiership (ingasabalwa iRoyal AM) lizodlala imidlalo yokuhlunga nazoqeda endaweni yesibili neyesithathu kwiMotsepe Foundation Championship.

IDurban City uma iqeda esicongweni izokwenyuka njengokujwayelekile. Amaqembu azonyukela kwiChampionship esuka kwi-ABC Motsepe kuzophoqeka ukuthi abe mathathu kulokhu.