EzakamuvaIBafana Bafana

Ingwazi yeBafana Bafana ikhuza abagxeka uLyle Foster

SIHLE NGUBO 

Ingwazi yakudala yeBafana Bafana, uMark Williams, yeseka umgadli weBurnley, uLyle Foster, ngaphambi kokuqala kwemidlalo ye-Africa Cup of Nations (AFCON) eMorocco, ngeSonto.

UFoster ubuye athole ukugxekwa kakhulu abalandeli bebhola baseNingizimu Afrika, ngendlela adlala ngayo kwiBafana Bafana.

Nokho uWilliams, owashaya amagoli amabili iBafana Bafana ishaya iTunisia kowamanqamu we-AFCON ngo-1996, ugcizelela ukuthi ukugxekwa okutholwa uFoster akunasidingo.

Kukhona labo abakholwa wukuthi uFoster uzinikela ngokuphelele uma edlalela iqembu lakhe e-England, kodwa azithele ngabandayo eqenjini lesizwe.

“Angicabangi ukuthi yinto ewubala ukuthi uLyle udlala kwi-England. Nakanjani ungumdlali omuhle,” kusho uWilliams, owayegijima kwiWolverhampton Wanderers yase-England, kwiSowetanLive.

“Ngihlale ngikusho ukuthi abantu bazokugxeka ngoba befuna ukubona abadlali babo eqenjini lesizwe. Yilokho engikucabangayo ngokugxekwa kukaLyle.”

Akayedwa uFoster njengoba kukhona abangayizwa kahle eka-Evidence Makgopa we-Orlando Pirates.

Abanye abalandeli bakhala ngokuthi omunye phakathi kukaMakgopa noFoster, bekumele asale kuhambe u-Iqraam Rayners weMamelodi Sundowns.

URayners ungomunye wabadlali abathathu abangeyona ingxenye yeqembu eliseMorocco kodwa okucushwe ngabo uma kukhona olimalayo.

Abanye ababili uMduduzi Shabalala, weKaizer Chiefs, noThabo Moloisane weStellenbosch FC.

“Ungumdlali ongesabi ukungena endodeni. Uyakwazi ukugijima ngoba yinto ekuyena,” kuqhuba uWilliams.

“Uyakwazi ukubamba ibhola kahle, ngakho uyena umdlali okumele sihlasele ngaye phambili.

“Ngeke ugxeke umdlali ngokugeja ithuba elilodwa. Mangakhi amathuba awatholayo? Mhlawumbe abamakheli amathuba enele.”

IBafana Bafana izobhekana ne-Angola emdlalweni wokuvula we-AFCON, ngoMsombuluko ngo-7 ebusuku.

La mazwe aseke abhekana emidlalweni yokuvula ye-AFCON phambilini. Ngo-1998 kwaba ngu 0-0, kwathi ngo-2008 umdlalo waphela ngo 1-1.