EzakamuvaIkhilikithi

UNgidi ucoboshise iCanada kowokuvula wamaProteas kwiNdebe yoMhlaba

SIHLE NGUBO

INingizimu Afrika iyivule kahle imidlalo yeNdebe yoMhlaba yeT20, ngokushaya iCanada ngama-run angu-57, eNarendra Modi Stadium, e-Ahmedabad, e-India, ngoMsombuluko.

AmaProteas abekudinga ukuqala kahle lo mqhudelwano oqhubeka e-India naseSri Lanka, ukuze afike emidlalweni elandelayo enomfutho.

ICanada iyona ewine ithosi yakhetha ukushwiba kuqala kulo mdlalo.

Ukaputeni u-Aiden Markram noQuinton de Kock, bavule kahle kakhulu behlanganisa ama-run angu-66 kuma-over ayisithupha okuqala.

UDe Kock uphume kuqala esenama-run angu-25, kwathi uMarkram wabambelela waze waphuma ena-59.

Abanye abadlali ababhethe kahle, uDavid Miller (39*) uTristan Stubbs (34*) noRyan Rickelton (33).

Ngasohlangothini lweCanada kushwibe kahle u-Ansh othathe amawikhethi amathathu, okwenze amaProteas angazenzela umathanda kakhulu.

INingizimu Afrika igcine ihlanganise ama-run angu-213/4, nokubukeke kungumqansa kakhulu kwiCanada.

Iphendula iCanada izamile ukushaya ibhola zisuka kodwa yazithola ina-0/1, okuyicindeze kakhulu.

Abashwibi bamaProteas abavumanga ukudedela izimbangi, bazimpintshela ekhoneni umdlalo wonke.

ULungi Ngidi udlale kahle ethatha amawikhethi amane, uMarco Jansen wathatha amabili, kwathi uKagiso Rabada noCobin Bosch bathathe yaba yinye eminye.

Umdlali ozamile sekubhetha iCanada, uNavneet Dhaliwal, ophume eseshaye ama-run angu-64.

UNgidi uqokwe njengomdlali wosuku futhi ubejabule kakhulu ngemuva komdlalo.

“Bekumele ngithole indlela yokuthatha amawikhethi, kumele ngithathe lawo mashansi,” kusho uNgidi.

“Amanye amabhola abegcina eshaywe aya ngaphandle kodwa yindlela engidlala ngayo iT20 leyo.

“Ngizoqhubeka nokudlala ngendlela engidlala ngayo emidlalweni ezayo.”

AmaProteas azobhekana ne-Afghanistan emdlalweni wesibili, enkundleni efanayo ngoLwesithathu.