CAF Champions League

UKekana uxwayisa iDowns ngeStade Malien kwiChampions League

SIHLE NGUBO

Owayengukaputeni weMamelodi Sundowns, uHlompho Kekana, wexwayisa leli qembu ngencwadi evaliwe eyiStade Malien, yaseMali, abazobhekana nayo kwiCAF Champions League.

ISundowns itonyulwe naleli qembu ngesikhathi kuqhathwa amaqembu azobhekana kuma-quarterfinal alo mqhudelwano, eCairo, e-Egypt, ngoLwesibili.

Leli qembu akukho okutheni elazelwa kona kwiChampions League kodwa uKekana ubona lingaba yingozi enkulu kwiSundowns.

“Engikwaziyo ukuthi kwiChampions League awuzikhetheli izimbangi, kulesi sigaba somkhumulajezi. Noma ubani oqondana naye kumele ubhekane naye,” kusho uKekana, owanqoba iChampions League neDowns ngo-2016.

“Ikakhulukazi uma yiqembu elifana neSundowns elinezinjongo ezinkulu zokunqoba iChampions League.

“Ngemuva kokudlala kahle emdlalweni odlule (neMC Alger) kumele kusinike ugqozi lokuthi singashaya noma yiliphi iqembu esihlangana nalo.”

ISundowns iqede endaweni yesibili eqoqweni layo ngemuva kwe-Al Hilal, yaseSudan, emangaze abaningi iqeda esicongweni.

Abafana Ba’Style bekumele nakanjani bashaye iMC Alger yase-Algeria emdlalweni wokugcina wamaqoqo, nokuyinto abayenzile benqoba ngo 2-0.

“Kuzoba yinselelo enkulu ukudlala neStade Malien ngoba imangaza abaningi kulo nyaka,” kuqhuba uKekana.

“Bebelokhu beyiqembu elikhulu kulo mqhudelwano nasezwenikazi (i-Afrika) kodwa kulokhu sebekhombisile ukuthi bakhulu kangakanani eqoqweni labo, ngaphezu kwe-Esparance yaseTunisia…

“Ngicabanga ukuthi sonke singavumelana ukuthi wonke amaqembu asemidlalweni yama-quarterfinal kuwafanele ukuba lapho, ngoba nasemazweni awo amanye anqobe iligi.

“Akumele udidiswe ukuthi bahlezi kuphi kwilogi ezweni labo. Inhlangano yabo yebhola ibanike ithuba lokugxila kwiChampions League.

“Abanye sebedlale imidlalo engu-15 bona basadlale eyisishiyagalolunye kuphela.

“Emidlalweni yabo emihlanu edlule, banqobe emithathu, bashaywa owodwa, base bedlala ngokulingana owodwa.

“Bayingozi kakhulu kodwa kumele sijabule ukuthi siqhathwe neqembu esizosebenza kanzima ukuthi sithole ulwazi ngalo. Kodwa ngiyajabula ngendlela okuqhathwe ngayo.”

IStade Malien isendaweni yesikhombisa kwiMalian Premiere Division kodwa isemuva ngemidlalo eyisithupha ngenxa yokuyibamba kwiChampions League.