CAF Champions LeagueEzakamuvaIbhola

IDowns isalindele ubunzima kwiBelouizdad, kusho uNeo Maema

By Sbongs Gumbi

UNeo Maema weMamelodi Sundowns uthi akumele bazikhohlise ngokucabanga ukuthi sebeqedile ngeCR Belouizdad kwiCaf Champions League.

ISundowns yagila izimanga ibukisa ngaleli qembu phambi kwabalandeli bayo e-Algeria iyibhaxabula ngo 4-1. 

Lokhu ikwenze ngempelasonto edlule emdlalweni womlenze wokuqala eNelson Mandela Stadium. 

Lo mphumela uyacacisa ukuthi indlela yeBelouizdad kulo mqhudelwano seyifike ekugcineni. 

Leli qembu selifana nemvu yomhlabelo njengoba iseNingizimu Afrika la izodlala khona owomlenze wesibili. 

Lo mdlalo useLoftus Stadium ePitoli kanti uzoqala ngo-3 ntambama. Noma kunjalo, uNeo Maema uthi balindele umdlalo onzima. 

“Kuzoba wumdlalo onzima ngoba iCR Blouizdad iyiqembu elihle kakhulu,” kusho uNeo Maema ngaphambi kwalo mdlalo. 

“Phela ngabe ayifikanga kulesi sigaba ukube ayilona iqembu elihle. Siwulungele umdlalo, futhi sesijahile ukudlalela ekhaya. 

“Sesethembe ukuthi sizophuma nomphumela oncomekayo,” kuqhuba uNeo Maema ongomunye wabenza kahle kwiSundowns.

UNeo Maema uchazwa nawukuthi bazodlala phambi kwezinkumbi zezihlwele zabo abazimisele ukuzijabulisa. 

“Wumdlalo omusha lo… Sesiwubheke ngabomvu siyiqembu futhi sifuna ukuwenza owethu umsebenzi. 

“Abalandeli bethu bazoyidlala nabo eyabo indima ngoMgqibelo futhi singajabula uma bengaphuma ngobuningi.” 

Uma idlula iSundowns, seyizobhekana neWydad Casablanca yaseMorocco esivele ilinde emzuliswaneni weyandulela owamanqamu. 

IWydad idlule kwiSimba SC yaseTanzania eyihlule ngo 4-3 sekukhahlelwa amaphenathi ngoLwesihlanu.

Khonamanjalo i-Al Ahly izobe ibheke ukuqedela umsebenzi uma seyibhekene neRaja Casablanca eMorocco ngawo uMgqibelo ebusuku. 

FUNDA NALA: U-Itumeleng Khune ukhuza ibuya ezintini kwiKaizer Chiefs

I-Al Ahly, eyabhudluzwa kanzima yiSundowns esigabeni samaqoqo, ihamba phambili ngo 2-0 kulo mdlalo. 

Emdlalweni wokugcina kulesi sigaba, i-ES Tunis nayo ibheke ukuqedela umsebenzi ekhaya uma seyibhekene neJS Kabylie khona ngoMgqibelo ebusuku.