OweDowns akaboni abazowudlala neBucs uzocacisa ngeseligi
SIHLE NGUBO
Akavumi ukuthi umdlalo wabo ne-Orlando Pirates iwona ozocacisa ngesicoco seligi, ukaputeni weMamelodi Sundowns, uRonwen Williams.
La maqembu azotholana phezulu emdlalweni yeBetway Premiership, okulindeleke ukuthi ushube kakhulu, eFNB Stadium, ngoLwesithathu ngo-7.30 ebusuku.
Ziya kulo mdlalo iBucs izihola phambili kwilogi yePremiership ngamaphuzu ayisithupha esicongweni, yize seyidlale umdlalo ngaphezulu uma iqhathaniswa neDowns.
Abafana Ba’Style basendaweni yesibili kanti akungabazeki ukuthi bazofuna ukuvala igebe ngokuzibambela mathupha eZimnyama.
I-Pirates ayibambeki kulezi zinsuku nokwenza ubhekwe ngabomvu umdlalo ezowudlala neSundowns ngoLwesithathu.
Nokho uWilliams, ongukaputeni weBafana Bafana, ukholwa ukuthi inguyazana abasanda kuyishaya bengabadlali, yenze yashintsha indlela abadlala ngayo.
“Sibe nezingxoxo emasontweni edlule. Bekumele sizibukisise njengeqembu,” kusho uWilliams.
“Besingajabule ngesimo ebesikusona njengeqembu kodwa sibe nezinkulumo ezinhle.
“Sithole ithuba lokuhlala phansi sixoxe futhi bekukuhle kakhulu ukulalela wonke umuntu.
“Sibonile ukushintsha ngokomoya nokomdlandla eqenjini uma siziqeqesha.
“Yonke into ihamba ngendlela ebesilindele ngayo ngemuva kwale mihlangano.”
ISundowns idlale umdlalo obalulekile weCAF Champions League ngoMgqibelo, lapho ishaye khona iMC Alger yase-Algeria, ngo 2-0.
Lokhu kuqinisekise ukuthi izibekisela indawo emidlalweni yama-quarterfinal kulo mqhudelwano.
Abafana Ba’Style bazotholana phezulu neStade Malien, yaseMali, kwiChampions League.
Nokho okwamanje basabhekene nomqansa wokuvimba iPirates ingavuli igebe elikhulu kwiBetway Premiership.
“Sithole umphumela omuhle (kwiChampions League). Ngicabanga ukuthi loyana umdlalo wethu omuhle kunayo yonke kule sizini, kumele sibhukule manje,” kuqhuba uWilliams.
“Kumele sihloniphe ibheji yeMamelodi Sundowns. Inkulu futhi iza nezinselelo nokuzimisela okukhulu.”
Uncome kakhulu abalandeli ngokungabalahli yize izinto zike zangahamba kahle.
“Abalandeli bebelokhu beseseka ikakhulukazi emasontweni edlule lapho izinto bezingahlangani kahle…
“Siyabadinga kulezi zikhathi ezinzima, ikakhulukazi njengoba isizini seyimi kanje, lapho ziziningi izinto okumele sizidlalele.
“Ngibonile ukuthi amathikithi asekhona. Siyanicela Masandawana, tholani amathikithi nizokweseka abafana.
“Umdlalo omkhulu futhi omnandi. Iqembu lisesimeni esikahle manje, asiphume siyojabula ndawonye.”
Ngabe lo mdlalo iwona ozocacisa ngesicoco seligi kule sizini ka-2025/2026?
“Into ebaluleke kakhulu ngalo mdlalo amaphuzu amathathu,” kusho uWilliams.
“Akukho mayelana nokuthi uzonquma ngesicoco seligi, miningi kakhulu imidlalo esazodlalwa.
“Ngicabanga ukuthi sisasalelwe imidlalo elinganiselwa ku-15, ngakho maningi amaphuzu asazodlalelwa.
“Amaphuzu amathathu iyona into esigxile kuyona. Ukuya laphaya sithole amaphuzu aphelele, sivale igebe.”

