CAF Champions League

IDowns ingabhekana nePirates kuma-quarterfinal kwiChampions League

SIHLE NGUBO 

IMamelodi Sundowns ingazithola ibhekana ne-Orlando Pirates kwi-quarterfinal yeCaf Champions League uma sekuqhathwa amaqembu azoyibamba emzuliswaneni olandelayo kulo mqhudelwano.

Lokhu kuhlaluke ngesikhathi Abafana Ba’Style bebambana ne-AS FAR ngo 1-1 emdlalweni wokugcina wamaqoqo eLoftus Stadium, ePitoli, ngeSonto.

EzikaMiguel Cardoso bezidinga ukunqoba lo mdlalo ukuze ziqede esicongweni. Lokhu bekuzoqinisekisa ukuthi zibalwa namaqembu amane angeke aqhathwe wodwa uma sekuqhathwa amaqembu azoyibamba kuma-quarterfinal.

Amathuba avelile kuwona womabili amaqembu umdlalo usanda kuqala. Bekucaca ukuthi alikho iqembu ebelifuna ukuhlala emuva kulo mdlalo.

Nokho ngomzuzu ka-12 ligcine libhobokile ithumba. UPeter Shalulile ungqofele phakathi ibhola obekuyi free kick, kwachwaza iLoftus Stadium.

Ngemuva kwalokho iSundowns ithole inqwaba yamathuba kodwa behluleka ukuwabeka phakathi oShalulile noThapelo Morena.

Ngesiwombe sesibili bese ivukile ngempela emaqandeni i-AS FAR, kanti neSundowns beyenza amaphutha emuva. URibiero ucisho walibeka phakathi ngakubo, lashaya ipali esesele uRonwen Williams.

Naye lo nozinti uke wenza elakhe iphutha ephasela umdlali we-AS FAR ibhola endaweni ingozi. Nokho ibhola liphume ekuceleni kwepali.

Kugcine konakele ngomzuzu ka-82 uZahzouh, obesuka ebhentshini, eshaya igoli kwaba ngu 1-1. Lokhu kufake ingcindezi eqenjini lasekhaya kwabuyisa nokuzethemba kwizivakashi.

Ukudlala ngokulingana kweSundowns emdlalweni wokugcina, kuchaza ukuthi ingabhekana nanoma yiliphi kulawa aqede esicongweni okukhona kuwona nePirates.

Yize lokhu kungaqinisekisa ukuthi likhona iqembu laseNingizimu Afrika elizodlulela kweyandulela owamanqamu weChampions League kodwa okufiswa abalandeli ukuthi iSundowns nePirates badlule bobabili kuma-quarterfinal.

Amaqembu aqede esicongweni emaqoqweni awo yiPirates, yi-AS FAR, yi-Al Hilal ne-Esperance. Womane la maqembu ngeke abhekane kuma-quarterfinal.