CAF Champions LeagueEzakamuva

UZwane ulolekile bewina i-AFL, ufuna iChamps League ne-Afcon

Ukuqopha umlando ngokuba yiqembu lokuqala ukunqoba i-African Football League sekulole ukaputeni weMamelodi Sundowns uThemba Zwane. 

UMshishi, okuyigama uZwane aziwa ngalo ebholeni, nguye umdlali wookuqala ukuqukula le ndebe entsha yeCaf.

Lo mdlali uthi lokhu kunqoba kuyinto enkulu kubo futhi sekuvuselele isifiso abenaso. 

Ubevele enentshisekelo yokusiza iSundowns yengeze inkanyezi ebhejini yayo ngokunqoba iCaf Champions League. 

Ngaphezu kwalokho, manje usefuna nokunqoba okuthile neBafana Bafana ngaphambi kokuthi afikwe yisikhathi sokuthi awagaje emgibeni amakhokho. 

“Ngifuna ukuphinde nginqobe iChampions League akubuzwa ke ukuthi naseqenjini lesizwe ngiyafisa ukunqoba okuthile,” kusho uZwane. 

Ubekhuluma nabezindaba ngemuva komdlalo abanqobe kuwo le ndebe obuseLoftus Stadium ngeSonto ntambama. 

Bashaye iWydad Athletic yaseMorocco ngo 3-2 sekuhlanganise imiphumela yemmilenze yomdlalo wamanqamu. 

UZwane sethubeni ke lokunqoba iChampions League kule sizini njengoba iSundowns ingenile esigabeni samaqoqo. 

ISundowns iqhathwe kuGroup A kulo mqhudelwano la ineTP Mazembe yaseDR Congo, FC Nouadhibou yaseMauritania nePyramids SC yase-Egypt. 

NakwiBafana likhona ithuba njengoba nayo iyodlala iCaf Africa of Nations e-Ivory Coast ngoJanuwari. 

“Kukhona i-Afcon le ezayo, uma ngongathola yona, ngingajabula kakhulu,” kuqhuba uZwane. 

“Umlayezo wami kwiYellow Nation ngowokuthi sifuna ukuphinde sinqobe  iChampions League bese siwina nesicoco seligi okwesikhombisa ngoba yisiko lethu lelo. 

“Namuhla bekuwusuku olukhethekile kithi ngoba sinqobe phambi kwabalandeli bethu. 

“Kumele ngincome ozakwethu, ithimba labaqeqeshi ngakho konke ukwesekwa esikutholile. 

FUNDA NALA: USeema ushiye iPolokwane, waqoma kwamakhelwane

“Senze kahle futhi sizamile ukulandela uhlelo lwethu lokudalla ngoba besikwazi engingakwenza uma senze njalo.”