EzakamuvaIBetway Premiership

‘Sesike sakwenza lokhu phambilini,’ kusho oweDowns ngeseligi

SIHLE NGUBO

IMamelodi Sundowns izozama ukushayela isipikili sokugcina uma seyibhekene neTS Galaxy, emdlalweni weBetway Premiership, eMbombela Stadium, eMpumalanga, ngoLwesibili ngo-7.30 ebusuku.

Abafana BaStyle bazobe bedlala umdlalo wokugcina ngci kwiBetway Premiership kule sizini, kanti i-Orlando Pirates izobe ibhekile ukuthi kuphetha kanjani.

Isimo sokuthi iSundowns izodlala kowamanqamu weCAF Champions League, siyayiphoqa ukuthi isheshe iqede ngemidlalo yePremiership.

Ngebhadi lokhu kubeka ebuhleni iPirates esasalelwe imidlalo emibili ezoyidlala seyazi ukuthi iSundowns imi kanjani kwilogi.

Nokho uDenis Onyango, ongomunye wabadlali abadala kwiSundowns, uthi ngeke baliphonse ithawula manje, bazodlala ngokukhulu ukuzimisela.

“Yonke imidlalo ingeyamanqamu manje njengoba sibheke nakowamanqamu weChampions League,” kusho u-Onyango.

“Sidinga ukuqeda isizini ngegiya eliphezulu kungakhathalekile ukuthi kwenzekani kithina kwiligi.

“Kumele sihlale sinethemba futhi sikholwe ukuthi kusengenzeka…

“Kufanele sidlale ngokuzimsela kuyo yonke imidlalo yethu ngoba ngeke sibe nesiqiniseko sokuthi abanye abantu bazonqoba.”

Ayiqali ukuzithola ikulesi simo iSundowns kodwa ekugcineni ikhale yemuke naso isicoco seligi.

Ngesizini ka-2019/2020 yephula izinhliziyo zabalandeli beKaizer Chiefs ihlwitha isicoco seligi emidlalweni yokugcina yeligi.

IChiefs yayisihlale esicongweni selogi isikhathi eside kodwa ukudlala ngokulingana neBarokaFC, emdlalweni wokugcina, kwaweza iSundowns ngelibanzi.

“Abalandeli beSundowns kumele baqhubeke nokukholelwa (ekutheni singayinqoba iligi) ngoba sesike sakwenza phambilini,” kugcizelela u-Onyango.

“Ngicabanga ukuthi kunesizini lapho sanqoba khona ekugcineni eFree State. Saphinde sanqoba kanjalo ngesikhathi seCorona.

“Ngakho kumele bakholwe ukuthi kungenzeka yize isimo sikanje, futhi kungasekho ezandleni zethu.

“Esikudingayo ukunqoba umdlalo wethu wokugcina bese sethemba ukuthi izinto zizoshintsha.

“Ngokwami ngibona ukuthi uma abalandeli besiphusha izinto zingavuna thina.”

Emdlalweni odlule iSundowns ishaye iSiwelele FC ngo 7-4. Akungabazeki ukuthi ngoLwesibili ebusuku izophinde izame ukuhlohla amagoli amaningi.