EzakamuvaIbhola

UJohnson ucacisa eyokungabonakali kuka-Ox kwiChiefs

Umqeqeshi weKaizer Chiefs, uCavin Johnson, useveze isizathu esenze angabi khona uSibongiseni “Ox” Mthethwa emdlalweni waleli qembu odlule.

U-Ox ngomunye wabadlali abasha kuleli qembu kodwa asebephenduke izintandokazi kubalandeli ngenxa yebhola elihle abalidlalayo.

Uphinde abe ngomunye walabo ababhekiwe eqenjini lesizwe elizoyodlala kwiCaf Africa Cup of Nations ngoJanuwari.

“U-Ox walimala ejimini. Wathinteka eqakaleni kanti useyile ukuyoxilongwa ngemishini ukuthola ukuthi kubi kangakanani. 

“Usebuyile kodwa ngokusho kodokotela, kusazomele ahlale ngaphandle isikhashana,” kuchaza uCavin Johnson. 

Lokhu kulimala kuka-Ox sekunciphise amathuba akhe okuthi engangena eqenjini leBafana eliya kwi-Africa Cup of Nations ngenyanga ezayo.

Umqeqeshi weBafana, uHugo Broos kulindeleke amemezele iqembu azoya nalo e-Ivory Coast maduze nje. 

Manje njengoba elimele nje lo mdlali waseMtshezi, amathuba mancane ukuthi engaqokwa.

“Ukuthi uzokwazi yini ukubuya ngaphambi kwe-Afcon noma uzodlala yini emdlalweni wethu olandelayo, ngeke ngisho okwamanje,” kuchaza uCavin Johnson.

IChiefs izovala unyaka ngokubhekana neSekhukhune United ngoMgqibelo ePeter Mokaba Stadium, ePolokwane.

UCavin Johnson uxoxe nangabanye abadlali bakhe abalimele, wathi sekusele kancane balulame.

Kubo kukhona uZitha Kwinika owalimala ngosuku olufanayo no-Ox ngesikhathi egxotshwa ngomunye wozakwabo ejimini. 

Uthe walimala ubhozo kodwa sekuyalulameka. UGeorge Matlou yena useyoze abuyele ekudlaleni ngemuva kwekhefu le-Afcon. 

UKeagan Dolly yena useluleme futhi cishe uzodlala emdlalweni wangoMgqibelo, ngokusho kwalo mqeqeshi. 

U-Ashely Du Preez naye useluleme futhi udlalile iChiefs ishaya iRichards Bay ngo 1-0 emdlalweni odlule.