U-Ethan Brooks usebheke ukudlondlobala kuMaZulu
NJabulo Shezi
Isihlabani esikhala saMaZulu FC, u-Ethan Brooks, sijabule ngamalungiselelo aleli qembu ngaphambi kokuqala kwesizini ka-2023/24.
U-Ethan Brooks, oneminyaka engu-22, ujoyine AmaZulu esuka kwiTS Galaxy ekupheleni kwesizini ka-2021/2022.
Uphumele obala ngamalungiselelo eqembu ngaphansi kweso elibukahli lomqeqeshi omusha uPablo “Cijimpi” Martin.
NgokukaBrooks, emasontweni amabili edlule bekushubile ekhempini, abadlali bezidela konke ukuvezela umqeqeshi omusha amava abo.
Yena mathupha ubegxile ekuthuthukiseni izinto ezithile ngendlela adlala ngayo. Lo mdlali osemncane wasesiswini uzwakalise ukweneliseka ngenqubekela phambili yeqembu, egqamisa ukuzimisela nokuzinikela okukhonjiswe ozakwabo.
“Ikhempu yokulungiselela isizini entsha isahamba kahle kula maviki amabili edlule, siyayidudula impela,” kusho u-Ethan Brooks.
“Bengilokhu ngiziphusha ngezinto okumele ngizilungise. Kunezinto engifuna ukuzilungisa lapha nalaphaya.
“Ngakho, impela njengoba ngishilo ikhempu ihamba kahle kakhulu futhi ozakwethu bazimisele ngempela.”
Ngesizini ka-2022-23, uBrooks udlale imidlalo engu-21 kuMaZulu kwiDStv Premiership. Ulibaziswe wukulimala edolweni.
U-Ethan Brooks uveze ukweneliseka ngendlela adlale ngayo emidlalweni eyisithupha yokugcina yesizini, ebonga ukuthola umklomelo wokuba ngumdlali ovelele bebhekene neMamelodi Sundowns nokushaya igoli lakhe lokuqala eqenjini.
“Ngesizini edlule ngijoyine iqembu futhi ngeshwa angizange ngikwazi ukudlala imidlalo eminingi ngendlela ebengingathanda ngayo ngenxa yedolo lami,” kuqhuba yena.
“Ngijabule ngendlela engidlale ngayo emidlalweni eyisithupha yokugcina yesizini, ngithola umklomelo wokuba ngumdlali ovelele sibhekene neMamelodi Sundowns nokushaya igoli lami lokuqala.
“Ngakho-ke ngijabule kakhulu ukuqala ukulungisella isizini ngingalimele ndawo futhi ngikwazi ukusebenza kanzima. Sengiyibheke ngabomvu isizini entsha.”
FUNDA FUTHI: Ezivela ekhempini yeKaizer Chiefs: ‘Sivivela impi’
AmaZulu azobe elwela ukunqoba indebe yawo yokuqala njengoba ezobe edlala kwiDStv Premiership, iNedbank Cup, neCarling Knockout Cup ngesizini ezayo.