IGallants ‘incenga’ uBance ongakayisayini inkontileka entsha
SIHLE NGUBO
Usihlalo weMarumo Gallants, u-Abram Sello, ucacisa ngesimo somdlali wasesiswini u-Ibrahim Bance, ongase alishiye leli qembu.
Lo mdlali, odabuka eBurkina Faso, kuvela ukuthi akakayisayini inkontileka entsha neGallants njengoba isiphelile eyonyaka owodwa abenayo naleli qembu.
Maningi amaqembu agijima kwiBetway Premiership amataniswa nalo mdlali eneminyaka engu-25.
Nokho akukacaci ukuthi angase athushuke kuliphi iqembu uma egcina engasayinanga inkontileka entsha kwiGallants.
“Ubenenkontileka yonyaka owodwa ebinombandela (wokuyivuselela),” kusho uSello kwiSoccer Laduma.
“Umbandela uchaza ukuthi uyazama ukugcina umdlali kodwa kunezingxoxo phakathi komdlali neqembu.
“Ama-agent nabammeli bayingxenye yalokhu, bese kuba ukuthi ufinyelela esinqumeni sokuthi uyamgcina yini noma uyamdedela.
“Okwamanje kukuleso simo kodwa indlela engibona ngayo sengathi ngeke kwenzeke.
“Uma umdlali engajabule ngeke umphoqe ukuthi abe lapho, ngakho kumele umdedele.
Abanye abadlali abashiye iGallants uJaisen Clifford, uSiyabonga Nhlapo, uWashington Arubi, uKatekane Mhlongo, uLebogang Mabotja no-Edsom Khumalo.
Basayinise u-Emile Lako, uThokozani Lukhele, uPrince Manku, uMlungisi Sikakane, uPatrick Motsoeneng, uKgomotso Marebane, uThato Mohlomme, uSamkele Sihlali, uThabang Sesinyi, uYhabiso Mkwanazi, u-Onalenna Lepelesana, uLebogang Button noThulani Zandamela.
IGallants izovula imidlalo yeligi ngomdlalo onzima njengoba izobhekana neMamelodi Sundowns ngoMgqibelo.
Abafana Ba’Style baqede isizini edlule besendaweni yesibili kwilogi njengoba isicoco seligi sikhale semuka ne-Orlando Pirates.

