IChippa itatazelise abantu ithi iza nesimemezelo esiphuthumayo
ALFRED NGUBANE
Njalo uma iChippa United iveza ukuthi iza nesimemezelo esiphuthumayo, kutatazela wonke umuntu njengoba kusuke sekulindeleke ukuzwakala ukuthi kukhona osexoshiwe.
Kube yinto efanayo nangoLwesihlanu ntambama leli qembu laseGqeberha libhala ezinkundleni zokuxhumana ukuthi linesimemezelo eliza naso.
Abantu bagxume basola ukuthi sekumbhedele umqeqeshi uMorgan Mammila. Okuqinise lezi zinsolo wukuthi leli qembu livakashelwe umqeqeshi weqembu lesizwe laseNigeria esithubeni.
Kuthe uma iChippa seyithi inesimemezelo, kwacathsangwa ukuthi izomemezela ukuthi seyigabhe uMammila yaqasha lo mqeqesi wasePortugal, uJose Paserio.
Nokho ivele yaveza ukuthi isimemezelo esikhulu eza naso ngesokuthi iPremier Soccer League (PSL) isiyinikeze igunya lokusebenzisa iBaffalo City Stadium ese-East London.
USiviwe “Chippa” Mpengesi, ongusihlalo weChippa uthe bajabulile kakhulu ukuthi sekunemidlalo embalwa abazoyidlalela e-East London.
“Abantu base-East London bayalithanda ibhola. Bagcina behamba ibanga elide bezobuka iqembu eNelson Mandela Bay Stadium,” kusho uMpengesi.
“Sixoxisene nomkhandlu waseBaffalo City ukuthi ngilethe eminye yemidlalo emqoka kubo.”
Kuzokhumbuleka ukuthi ngemuva kweminyaka engaphezulu kweyishumi le nkundla yezemidlalo iBaffalo City Stadium yayisetshenziwa uMthatha Bush Bucks.
Selokhu kwagcina ngalo leli qembu eselashabalala ukudlala imidlalo yesigaba esikhokhelayo kule nkundla.
Khonamanjalo, iChippa izobe ibheke ukujika izinto uma seyibhekene neGolden Arrows ngoMqgibelo ngo-5.45 ntambama.
Lo mdlalo weDStv Premiership kungenzeka kube ngowokugcina kuMammila uma engaphinde athole induku kuwo.
FUNDA NALA: IPyramids iwabeke kuLakay amathemba ayo koweSundowns
Emidlalweni emihlanu edlule, iChippa ishaywe kwemine, yanqoba oqodwa. Okungekuhle kakhulu wukuthi ingenelwe amagoli ayisishiyagalolunye.

