EzakamuvaIbhola

Uphezulu ulobi kuBenni McCarthy ngeChiefs

Njengoba inkontileka yakhe kwiManchester United isizophela, owayengumgadli weBafana Bafana, uBenni McCarthy, useveze isifiso sakhe ngeKaizer Chiefs.

Kulindeleke ukuthi Amakhosi aqashe umqeqeshi ngasekuqaleni kwenyanga ezayo ukuze ezoba nesikhathi esanele sokulungiselela isizini ezayo. 

IChiefs ibingenaye umqeqeshi ngokugcwele ngemuva kokuxosha uMolefi Ntseki ngo-Okthoba 2023 ngemuva kokwehluleka ukuholela iqembu emiphumeleni emihle.

UNtseki wayengene kulesi sikhundla esishisayo ekuqaleni komkhankaso osanda kuphela.

UCavin Johnson, oqale wajoyina iChiefs njengomphathi wezokuqeqesha nezinkulisa, uthathe isikhundla sokuqeqesha njengebamba. 

Nokho uhlulekile wukuguqula izinto kuleli qembu njengoba lize laqeda endaweni ka-10 kwilogi yeDStv Premiership, okuyinto eyihlazo. 

Leli qembu elizinze eNaturena liwine imidlalo eyisishiyagalolunye, ladlala ngokulingana eyisishiyagalolunye lahlulwa kwengu-12 emidlalweni engu-30 yeligi. 

Le sizini ephoxekile yenze abaphathi beChiefs bathungatha umqeqeshi omusha ozoqala umsebenzi ngesizini ezayo.

Igama likaBenni McCarthy lingelinye lavelile kwawalabo okuthiwa leli qembu lisebenzela phezu kwabo. 

UBenni McCarthy uyalazi ibhola leDStv Premiership njengoba eke waqeqesha iCape Town City naMaZulu FC phambilini. 

“Ababaningi abaqeqeshi emhlabeni abathi cha ezikhungweni ezinkulu, iMan United iyisikhungo, iReal Madrid iyisikhungo, iBayern Munich iyisikhungo. 

“UVincent Kompany usejoyine iBayern Munich, useyojoyina isikhungo,” kusho uMcCarthy kwiMSW kuleli viki. 

“Ngicabanga ukuthi singakusho kugcwale umlomo ukuthi iKaizer Chiefs iyisikhungo.

“Lalela, iyiqembu elikhulu ebengihlale ngilithanda kakhulu. Iqembu lakithi, iqembu engalisekela ngiseyingane… 

“Ngeshwa, angikaze ngibe nenjabulo yokuyidlalela noma ukuyiqeqesha.

“Uma ithuba livela noma yini, kuzofanele ngihlale phansi ngicabange ngakho ngoba njengoba ngishilo, awukwazi ukuthi cha ezikhungweni.”