EzakamuvaIbhola

OwePirates usenomona ngokukhonya kweSundowns 

Ukaputeni we-Orlando Pirates, u-Innocent Maela, uthi sekuzwela kakhulu ukubona iMamelodi Sundowns ilokhu izitamuzela isicoco seDStv Premiership. 

Ukhuluma kanjena nje lo mdlali Abafana Ba’Style basendleleni ebheke ekuqukuleni isicoco seligi okwesikhombisa kulandelana. 

Nokho u-Innocent Maela uthe lokhu sekuqala ukubenza bazibone bebenzela phansi kakhulu abalandeli beBucs. 

“Akumnandi nakancane ukubona iqembu elilodwa lilokhu liwina iligi. 

“Kodwa le nto kuyasetshenzwa ngayo,” kusho u-Innocent Maela kwi-Radio2000. 

“Kumele ukholelwe kulokhu okwenzayo. Ngiyazi amalungu (abalandeli bePirates) adidekile.

“Nathi sididekile ngokunjalo. Kodwa sizoyifaka inselelo bese siyinqoba (iligi).” 

I-Pirates ingelinye lamaqembu ahlulekayo ukugcina umgqigqo nokuncintisana neSundowns ngendlela efanele. 

“Ngicabanga ukuthi singakwenza lokho (ukuwina iligi) ngalaba badlali esinabo,” kuqhuba u-Innocent Maela. 

“Sinesikwati esikahle. Sixube abadlali abahle. Kodwa sidinga isikhathi nokukholelwa eqhingeni lethu.” 

Lo mdlali wasemuva useke wahlala isikhathi eside engadlali ngenxa yokulimala. Nokho uthe manje usewumqemane. 

“Bekungelula kimina ukuba ngaphandle isikhathi eside. Ngize ngaphuthelwa yi-Afcon.

“Nokho ikhefu lingisizile kakhulu ukuthi ngilulame ngemuva kokuhlinzwa. Manje ngiqinile futhi ngizizwa ngiwu-120%.” 

U-Innocent Maela uveze ukuthi ziningi izindawo akwazi ukuzidlala enkundleni. 

“Ngikhule ngidlala emuva kwesokunxele kodwa ngiyakwazi nokudlala maphakathi emuva.

“Kulezi zinsuku abadlali kumele bakwazi ukudlala okungasenani izindawo ezintathu enkundleni. 

“Umnewethu uTsepo Masilela cisho uyena umdlali wasemuva kwesokunxele ophambili kulabo asebeke baba khona kuleli. 

“Uhlale ekhona ukunginika izeluleko. Uyafona angibuze ukuthi bewenzani laphaya. 

“Ubehlale ekhona nje kusukela ngimncane, enginika amakhokho bese akhokhele yonke into ebengiyidinga.” 

UMasilela udlalele iKaizer Chiefs isikhathi eside ngemuva kokubuya phesheya. 

I-Pirates izobhekana neChiefs emdlalweni weDStv Premiership, eFNB Stadium, ngoMgqibelo ngo-3.30 ntambama.