Sihoxisiwe isigwebo sikaRegragui, uzoba khona koweBafana
Ukumiswa kwemidlalo emibili komqeqeshi weMorocco uWalid Regragui kwi-Africa Cup of Nations kuhoxisiwe ngemuva kokucubungulwa kabusha kwecala lakhe.
Lokhu kwethulwe yinhlangano eyengamele ibhola e-Afrika, iConfederation of African Football (Caf) ngoLwesihlanu.
URegragui unikezwe isigwebo semidlalo emine, imidlalo emibili yalengiswa, futhi wahlawuliswa ngokufaka umqhudelwano ehlazweni.
Lesi sinqumo sisho ukuthi uRegragui, ubuke umdlalo wokugcina wamaqoqo wezwe lakhe neZambia ngoLwesithathu esezihlweleni.
Nokho uzobuyela ebhentshini uma ezakhe sezibhekene neNingizimu Afrika ngoLwesibili ebusuku.
URegragui wahola izwe lakhe walifaka esigabeni semidlalo eyandulela owamanqamu eNdebeni yoMhlaba ngo-2022.
Uxabane nokapteni weDemocratic Republic of Congo uChancel Mbemba ekupheleni komdlalo wabo kaGroup F eSan Pedro ngeSonto.
UWalid Regragui ubehambe eyoxhawula uMbemba ekupheleni komdlalo kodwa baphinde baxabana.
Lokho kuqubule isiphithiphithi ekupheleni komdlalo ophele zibambene ngo 1-1.
“Wangithuka mina nephini lakhe eceleni ngaphambi kokuphela komdlalo,” kusho uRegragui etshela abezindaba.
“Futhi ekugcineni, naphezu kwalokho, ngahamba ngayomxhawula kodwa futhi ngambuza: ‘Kungani ukhuluma nami kanjalo?’.
“Wabe esebheka eceleni sengathi akafuni ukungixhawula,” kusho lo mqeqeshi.
“Wathi ngimbize ngesilima kodwa angikaze ngikusho lokho. Kufanele athembeke.”
Inhlangano eyengamele ibhola eMorocco yasiphikisa isinqumo sokumiswa kwalo mqeqeshi.
Nokho isikhalazo sayo safika sekudlule isikhathi okwenza ahlale nezicukuthwane emdlalweni wokugcina.
Sihoxiswa nje lesi sigwebo umqeqeshi obefike neTanzania, u-Adel Amrouche yena usamisiwe futhi useze waxoshwa nasemsebenzini.
FUNDA NALA: Nakhu okwenze iChiefs ithi ‘andizi’ kusayinwa abadlali
U-Amrouche wayekhale ngokuthi iCaf ibanjwe ngamankwahla yiMorocco futhi idansela isigingci sayo.

