ISharks XV izozama ukubuyisa isithunzi ngeKavaliers koweCurrie Cup eThekwini
SIHLE NGUBO
I-Hollywoodbets Sharks XV izodlala umdlalo wayo wokuqala wasekhaya kwiCarling Currie Cup ka-2026, uma seyamukela iSanlam Boland Kavaliers, ePrincess Magogo Stadium, KwaMashu, ngoMgqibelo ngo-5.15 ntambama.
Leli qembu laseThekwini lisayidlalele ekuhambeni yomithathu imidlalo yokuqala yesizini, kanti lisanqobe waba munye.
Ngasohlangothini lweKavaliers iwuqale kahle umqhudelwano ishaya iVodacom Bulls XV, emzuliswaneni wokuqala, yase ilandelisa nge-DHL Stormers XXIII (41-3).
Nokho ngempelasonto leli qembu libuyiselwe kwamhlaba yi-Airlink Pumas, ngakho akungabazeki ukuthi lizofika eThekwini lifuna ukubuyisa umgqigqo walo.
Njengoba idlalela ekhaya iSharks XV, kumele inqobe nakanjani futhi inethuba elihle lokwenza lokho.
Umqeqeshi weSharks XV, uMike Vowles, wenze izinguquko ezimbalwa eqenjini elizodlala neKavaliers ngempelasonto.
Ufake uPhiwayinkosi “Rambo” Kubheka endaweni kaCameron Dawson kwi-loosehead, kanti kubadlali abathathu baphambili, ushintshile esusa uJohan Momsen kwi-lock emusa kwi-flank endaweni kaDanio Botha.
UMeno Barnard uyena ozothatha indawo kaDawson lapho ezobambisana noDeon Slabbert.
Kuzothi uWillem van den Hever angene endaweni kaLuan Olivier, kanti uTinotenda Mavesere uzovala isikhala sikaThomas Dyer, njengoba ukaputeni kuzoba uRoss Braude.
Emuva kunoshintsho olubili kuphela. UKhuthi Rasivhanga, odlalela iSA Under 20, uzobe egqoke unombolo 11, kanti uLyle Matthews uzodlala endaweni kaMarnus Potgieter.
I-Hollywoodbets Sharks XV ibophele kanje:
1. Phiwayinkosi “Rambo” Kubheka
2. Bryce Calvert
3. Simphiwe Ngobese
4. Meno Barnard
5. Deon Slabbert
6. Willem van den Hever
7. Johan Momsen
8. Tinotenda Mavesere
9. Ross Braude (C)
10. Tim Swiel
11. Khuthi Rasivhaga
12. Janco Purchase
13. Lyle Matthews
14. Christie Grobbelaar
15. Luan Giliomee
Ebhentshini:
16. Kerron van Vuuren
17. Jaco du Toit
18. Lee-Marvin Mazibuko
19. Hanu Pieterse
20. Wasi Vyambwera
21. Juan Loots
22. Albie Bester
23. Chijindu Okonta

