Eminye imidlaloEzakamuva

Wayedlalela iJomo Cosmos osedume ngokujimisa sakudunusa

INTATHELI YEMPEMPE

Usedume iNingizimu Afrika ngokujimisa owayengumdlali weJomo Cosmos, uNkululeko Zane Dlamini.

Ezinkundleni zokuxhumana kuvela izithombe namavidiyo uDlamini ejimisa sakudunusa, njengoba indlela yakhe yokujimisa igxila kakhulu kwesingezansi.

UDlamini, osedume kakhulu ngele “King of Squats”, usengusaziwayo kuleli futhi uyintandokazi kulabo abathanda kakhulu ukuzivocavoca.

Indlela asedume ngayo kuze kuphoqeleke ukuthi ngesinye isikhathi ame emgwaqeni enze amavidiyo okujima sakudunusa, ecelwa umphakathi.

UDlamini uzalelwe futhi wakhula eZakheni, eLadysmith, kanti into ayeyithanda kakhulu ukudlala ibhola.

Ngemuva kokuphothula izifundo zobuthishela ngo-2008, wasayina kwiJomo Cosmos isadlala kwiPremier Soccer League (PSL) ngo-2009.

Ngenxa yokungalitholi ithuba lokudlala, waya eqenjini lase-Eswatini lapho afike waba undabuzekwayo nomdlali ohamba phambili.

Eswatini wayedlalela iManzini Wanderers, eyake yadlalelwa uDennis Masina ngaphambi kokusayina eqenjini Umtata Bush Bucks.

Ukudlala kahle kwakhe Eswatini kwenza ukuthi iCosmos ithi akabuye, kodwa ngebhadi wazithola ekhuhla ibhentshi futhi.

Wathi uma ebona ukuthi akuhambi kahle ebholeni, wanquma ukuzama ekujimiseni abantu ukuze babe yimiqemane.

“Ngenxa yokuthi ngangiwumdlali webhola, ngangifuna ukugxila kakhulu ekuvocavoceni esingezansi,” kusho yena.

Le ndlela yokujima uDlamini uyibiza ngokuthi “Mgogodla weStimela” (core-train).

Yenza ukuthi alandelwe kakhulu abantu, ikakhulukazi abesifazane abafuna ukulungisa esingezansi sabo.

Ujimisa njalo ngoMsombuluko, oLwesithathu, noLwesihlanu, ejimini yakhe ku-368 Marshall Street, phakathi edolobheni eGoli.

Ngezinye izinsuku uDlamini uyaye ahambe ezweni lonke namanye amazwe ase-Afrika, lapho esuke emenyiwe ukuthi azojimisa.

 

Ngale kokugqugquzela ukujima, uDlamini usebenzisa udumo lwakhe ukuqhakambisa isiko ngokudlala uMaskandi njalo uma ejimisa.

Uthe yize amajimu amaningi edlala umculo waphesheya, kodwa abantu abajinyiswa uyena bajabulela umculo wasekhaya (uMaskandi) kumavidiyo akhe.

Nokho ukuvezile ukuthi kuyamkhathaza ukuthi akakwazi ukudlala amaculo athile ngenxa yemigomo nemibandela ekhona.

Yize esaziwa iNingizimu Afrika yonke kodwa uDlamini akafuni ukuthi kungenwe kakhulu empilweni yakhe yangasese.

Ngesikhathi ebuzwa abezindaba ngazwana naye noma umama wezingane zakhe, ucele ngomoya okahle ukungaphawuli, wathi ufisa impilo yakhe yangasese ingangeni kulokhu osekumenze waduma.

Kunalokho ugcizelela ukuthi impilo yakhe igxile kakhulu ekujimiseni nasokholweni lwakhe njengomntwana kaNkululunkulu (born-again Christian) eFaith Mission Church.

Olunye ulwazi: MDN NEWS