EzakamuvaIbhola

URiveiro ubona uRelebohile esekulungele ukudlala kwi-EPL

Sekuqinisekisiwe ukuthi umdlali osemncane we-Orlando Pirates, uRelebohile Mofokeng uyohlolwa yiqembu lase-England iWolverhampton Wanderers, eyaziwa ngeWolves. 

Lokhu kuqinisekiswe umqeqeshi wePirates, uJose Riveiro ngesikhathi ekhuluma nabezindaba ngaphambi komdlalo wezakhe neCape Town Spurs kwiCarling Knockout Cup ngoLwesihlanu. 

URelebohile uzobe engekho uma iPirates seyigadulisana neSpurs njengoba ezobe eseqale ukhlolwa kwakhe kuleli qembu elidlala kwi-English Premier League (EPL). 

“Use-UK, uyohlolwa yiWolves,” kusho uRiveiro. UMofokeng, oneminyaka engu-18, uqale ngasekupheleni kwesizini edlule ukudlala eqenjini elikhulu kwiBucs. 

Kodwa indlela anekhono ngayo imenze washeshe waba ngesinye sezethenjwa zikaRiveiro kuleli qembu.

URiveiro, osemdlalise emidlalweni engu-11 kule sizini uRelebohile, ukholwa wukuthi yize esemncane ngeminyaka, engalunga kuleli zinga ayohlolelwa lona. 

“Ngikholwa wukuthi uselungele noma ngabe yini ezokwenzeka. Useminyakeni efanele. Mhlawumbe kuzwakala esemncane kakhulu kwabanye, hhayi kimi. 

“Uma ubheka isimo samanje e-Europe, abadlali abano-18, 17, 19, yibona asebeqala imidlalo futhi abavelele emqenjini. 

“Kumele sikujike kancane kancane ukucabanga kwethu ngabadlali abasebancane. Uma ukulungele ukudlala, iminyaka ayisho lutho. 

“Ungaba na-18, noma ube na-28, uma sewukulungele usuke ukulungele. Sonke siyalazi ikhono likaRele. 

FUNDA NALA: Inkakha yeBafana isiyawangabaza amandla kaBroos

“Manje konke sekukuye ukuthi ulisebenzisa kanjani leli thuba alitholile,” kuchaza lo mqeqeshi.