EzakamuvaIbhola

Uyise kaMaema wayengayizwa eyokuthi aye kwiSundowns

ALFRED NGUBANE

UNeo Maema, ongumdlali wasesiswini kwiMamelodi Sundowns usegeqe amagula ngokusayina kwakhe kuleli qembu lasePitori. 

UMaema ufike kuleli qembu esukwa kwiBloemfontein Celtic, kanti uthi uyise wayengayizwa kahle eyeSundowns.

Ngaleso sikhathi wayesemncane futhi ekhona namanye amaqembu ayemfisa okukhona kuwo neSuperSport United. 

Uyise wayebona kungaba ngcono aqale kwelinye lamaqembu angemakhulu kakhulu bese eya kwiSundowns esekhulile. 

Nokho kufanele ukuthi useyazigqaja manje uyise ngendodana yakhe njengoba seyingomunye wabadlali abamqoka kwiSundowns. 

“Ubaba wayenongabazane ukuthi ngizosithola yini isikimu kwiSundowns ngoba yayinabadlali abaningi abanamagama amakhulu ngalesi sikhathi,” kusho lo mdlali. 

“Kodwa ngaphokophela phambili ngoba ngangifuna ukukhula ebholeni ngibe kwelinye izinga.”  

UMaema ungomunye wabadlali abanohlonzo nabakhula ngendlela encomekayo eqenjini likaRulani Mokwena. 

Ikhono likaMaema laqala ukunakwa nguShakes Kungwane owayedlalela iKaizer Chiefs nongasekho emhlabeni. 

Namuhla ungomunye wabadlali abahamba phambili kwiDstv Premiership. Nokho kuyamangaza ukuthi kungani engabizwa eqenjini lesizwe. 

“Yonke into inesikhathi sayo. Isikhathi sami asikafiki, kodwasiyeza,” kusho uMaema. 

Akungabazeki ukuthi ikhono lakhe lizogcina limfikise kude njengoba ekwazi ukudedela odalimede bamashodi, abhakuzise inethi.

FUNDA NALA: Ufunwa awaseLimpopo umqeqeshi ogxalwe yiMilford

Usenqobe iPremiership, MTN8, Nedbank Cup, waphinde wadlala nakwiCaf Champions League kusukela efikile kwiSundowns.