EzakamuvaI-MTN 8

I-PSL imemezele inkundla yowamanqamu weMTN8

SIHLE NGUBO

I-Premier Soccer League (PSL) isiyikhiphile inkundla okudlalelwa kuyona owamanqamu weMTN8 ka-2025.

Umdlalo wamanqamu weMTN8 uzoba phakathi kwe-Orlando Pirates neStellenbosch FC, ngoSepthemba 13, eMbombela Stadium, eNelspruit, ngo-6 ntambama.

Kuvela ukuthi zonke izifundazwe bezizifakile izicelo sokusingatha lo mdlalo, ngoba bonke omasipala bayawufuna owamanqamu uma kukhona kuwona amaqembu amakhulu.

La maqembu yiwona adlale owamanqamu walo mqhudelwano eMoses Mabhida Stadium, eThekwini, ngesizini edlule.

Kunqobe iPirates ngo 3-1 kanti bese ithatha le ndebe okwesithathu kulandelana.

IPirates idlulele kowamanqamu ngokushaya iMamelodi Sundowns ngo 4-1 kumaphenathi, ngemuva kokuthi umdlalo uphele ngo 1-1 eLucas Moripe Stadium.

Emlenzeni wokuqala umdlalo waphela ngo 1-1 e-Orlando Stadium, ngempelasonto edlule.

IStellies ibambane neSekhukhune United ngo 1-1 emlenzeni wesibili kowandulela owamanqamu weMTN8, eNew Peter Mokaba Stadium, ngoMgqibelo.

Umdlalo womlenze wokuqala wanqotshwa ezikaSteve Barker ngo 2-0 eKapa.

IStellies izozama ukuziphindiselela kwiBucs ngokuyishaya kowamanqamu, kanti iPirates izobe ifuna ukuqukula le ndebe okwesine kulandelana.

La maqembu asanda kuhlangana emdlalweni weBetway Premiership lapho kunqobe khona iPirates ngo 1-0.

Igoli kulo mdlalo lishaywe uKamogelo Sebelebele ovutha engabaselwe kulezi zinsuku.