IChiefs seyicacisile ngoNabi nokuthi izocijwa ubani
SIHLE NGUBO
IKaizer Chiefs seyigcine ikuqedile ukuqagela nemibuzo, mayelana nomqeqeshi uNasreddine Nabi, osekunesikhathi engekho eNaturena kungacaci ukuthi kwenzekani ngaye.
UNabi uthathe amasakana akhe walibhekisa kwelakubo eTunisia kusaphele isikhashana ebuye kuleli lizwe.
Ekuqaleni wayehambe kuthiwa umkakhe ube sengozini yemoto ngakho ubedinga ukuba naye.
Ngaphambi kokuthi iChiefs idlale umdlalo wokuqala weCAF Confederation Cup, uNabi ushiyile eNaturena.
Ngalesi sikhathi iChiefs ibisanda kushaywa yiSekhukhune United ngo 3-1 emdlalweni weBetway Premiership.
Kuvele imibiko engaqinisekiswanga yokuthi uNabi akanazo izitifiketi zokuthi ahlale ebhentshini emidlalweni yeCAF.
IChiefs iqinisekisile ukuthi uNabi akekho eNaturena kodwa yangacacisa ukuthi yini ebaqhathe nalo mqeqeshi.
Kube sekubamba uKhalil Ben Youseff noCedric, okungamaphini afika noNabi kwiChiefs.
Nokho iChiefs seyigcine icacisile ukuthi lo mqeqeshi waseTunisia akabuyeli eNaturena.
“IKaizer Chiefs nomqeqeshi uNasreddine Nabi bangakuqinisekisa ukuthi ngemuva kokubhunga kahle, sebevumelene ngokuthi behlukane ngokuthula nokuvumelana,” kusho isitatimende seChiefs.
“Iqembu liyabonga kakhulu kumqeqeshi uNabi ngakwenzele lona ngesikhathi eseqenjini, futhi limfisela okuhle kodwa lapho eya khona.
“Umqeqeshi uNabi naye uzwakalise ukubonga kakhulu kwiChiefs, ubuholi bayo, abasebenzi, abadlali nabalandeli, ngokuzimisela nokumeseka ngesikhathi sakhe eseqenjini.”
Ngemuva kwalokhu iChiefs ikhiphe esinye isitatimende lapho iqinisekise khona ukuthi uBen Youssef noKaze bazoqhubeka nokuqeqesha iqembu kuze kube sekupheleni kwesizini ka-2025/2026.
IChiefs izobuyela enkundleni ngokubhekana ne-AS Simba yaseCongo emdlalweni womzuliswano wesibili weCAF Confederation Cup, ekuhambeni ngempelasonto ka-Okthoba 17-19.
Umlenze wesibili useFNB Stadium ngo-Okthoba 24-26. Uma iChiefs inqoba lapho izobe seyingena esigabeni samaqoqo.

