EzakamuvaIbhola

U-Edson Castillo usefikile eNaturena, uchazekile ngeNaturena

Sbongs Gumbi

Umdlali omusha weKaizer Chiefs, u-Edson Daniel Castillo Garcia, usefikile eNaturena ukuzosiza ekuvuseni leli qembu.

Lo mdlali oneminyaka engu-29 uzwakalise ukujabula ngokujoyina le kilabhu ehlonishwayo, ekubuka njengethuba elibalulekile.

U-Edson Castillo engakwazanga ukuhambela ukwethulwa kwabadlali abasha abayisithupha ngoMsombuluko ngenxa yokuthi ubengakafiki kuleli. 

Ugcine efikile ngoLwesihlanu kanti iChiefs ibe seyazisa abalandeli bayo ezinkundleni zokuxhumana ukuthi usefikile lo mdlali obhekwe ngabomvu.

UCastillo, ongumdlali wasesiswini ohlaselayo, ujoyina uPule Mmodi, Mduduzi Mdantsane, Thatayaone Diihlokwe, Given Msimango noRanga Chivaviro njengabadlali abasha kuleli qembu.  

Engxoxweni nalezi zinkunzi zaseSoweto, u-Edson Castillo uzwakalise ukujabula kwakhe ngaleli thuba. 

“Ngijabule kakhulu ngaleli thuba futhi ngijabule kakhulu ngokuza eqenjini elikhulu kangaka.

“Ngawathola amathuba okuya kwamanye amakilabhu kodwa kuthe uma ngizwa ngentshisekelo yeqembu elikhulu kangaka, angangabaza ukuthi ngiza lapha.

“Futhi uma ngibona indlela engemukelwe ngayo, ngijabule kakhulu futhi ngikholwa ukuthi ngithathe isinqumo esifanele.” 

Yize u-Edson Castillo eke wadlala ngaphandle kwaseVenezuela, udlale isikhathi esincane, okushiya abalandeli bebambe ongezansi ngokuthi uzokwazi yini ukujwayela kuleli. 

Iyaphambana ke imibono ngalo mdlali – abanye banethemba lokuthi angaba nomthelela omuhle kanti abanye bamanqika ngokuthi ukulungele yini ukuthwala ibheji elihlonishwayo laMakhosi.

Ukufika kukaCastillo kuqondane nesikhathi esibi la abalandeli behlelwe amathemba ngeqembu, ikakhulukazi kusukela kuqashwe uMolefi Ntseki njengomqeqeshi.

Abalandeli bebelindele umqeqesi onegama ukuthi ahole leli qembu njengoba bekunemibiko yokuthi lixoxisana nabambalwa abanamava. 

FUNDA NALA: Uphumela obala ngesifiso sakhe ngeChiefs uRowan Human

Ukuqokwa kukaNtseki kushiye abanye abalandeli benokungabaza okudale ukuthi kube nenselelo kubadlali abasha okuhlanganisa kubo noCastillo.

Njengoba kusondela isizini ezayo, wonke amehlo azobe ethe njo kuCastillo nozakwabo abasha ukubona ukuthi bafike nani.