IChiefs iphindwe ngoswazi oluncane ngecala labalandeli
SIHLE NGUBO
IKaizer Chiefs izobhekana neCape Town Spurs emdlalweni weDStv Premiership eFNB Stadium, ngoNovemba 8, bengekho abalandeli.
Lokhu kulandela ukutholwa inecala yikomiti eliqondisa ubugwegwe lePremier Soccer League (PSL) ngoLwesibili.
Abalandeli beChiefs bayifake enkingeni ngokuphinde bajikijele ibhentshi layo kanti bebevele benecala elilengayo elifanayo.
“IKaizer Chiefs ivelile phambi kwekomiti eliqondisa ubugwegwe mayelana nokungaziphathi kahle kwabalandeli bayo abajikijela beqondise ebhentshini layo,” kusho umshushisi wePSL uZola Majavu.
“Balivumile icala… Kuzokhumbuleka ukuthi emasontweni edlule batholwe benecala elifanayo lapho balengiselwa khona inhlawulo ka-R50 000.
“Baphinde balengiselwa ukuthi umdlalo olandelayo bawudlale ngaphandle kwezibukeli kodwa bangatholakali necala elifanayo ezinyangeni eziyisithupha.
“Nokho sebephinde benza icala elifanayo singakapheli leso sikhathi.
“I-PSL inqume ukuthi u-R50 000 obulengisiwe iwukhokhe, bese nomdlalo obulengisiwe wokuthi bawudlale kungekho zibukeli ube khona.
“Lokhu kuchaza ukuthi bazodlala umdlalo wabo olandelayo ngoNovemba 8, ku-2023 zingekho izibukeli.”
Kwale kancane ukuthi kuqondane nomdlalo womkhaya lapho iChiefs izokwamukela i-Orlando Pirates eFNB Stadium ngoNovemba 11.
Nokho iPSL ibizokugwema lokho ngoba umdlalo womkhaya uyinto enkulu kuyona, abaxhasi abalandeli nakwezemidlalo kuleli.
“Mayelana necala elisha iChiefs ihlawuliswe u-R300 000, walengiswa wonke ngombandela wokuthi ingazitholi igila umkhuba ofanayo ezinyangeni eziyisithupha.
FUNDA NALA: Isendalini iRoyal AM? UMaduka ubamba uyayeka
“Iphinde yaxwayiswa ukuthi ukuthi izodlalela umdlalo wayo olandelayo wasekhaya enkundleni okungeyona eyayo uma yephula umthetho singakapheli isigwebo.”