AmaBhokobhoko abuyise izinduku eshaya iNew Zealand eKapa
SIHLE NGUBO
INingizimu Afrika izibuyise zishisa izinduku ishaya izimbangi ezindala iNew Zealand ngo 33-26 emdlalweni weRugby’s Greatest Rivalry, eDHL Stadium, eKapa, ngoMgqibelo ntambama.
INew Zealand ishaye amaBhokobhoko kabuhlungu ngo 33-16 e-Ellis Park Stadium ngeledlule, lapho kugqame khona amaphutha eqenjini likaRassie Erasmus.
Nokho iqembu lasekhaya libe nomdlalo ohlukile kakhulu ngoMgqibelo, lapho bekukhona ukaputeni uSiya Kolisi, obengekho e-Ellis Park.
AmaBhokobhoko asheshe akhombisa ukuthi azimisele ngokunqoba ngesikhathi uJessie Kriel eshaya itry yokuqala yomdlalo ngomzuzu wesibili.
I-All Blacks ilwile yaze yagcina iyitholile itry yokulinganisa ngomzuzu ka-16, kanti ize noCam Roigard.
Alikho iqembu ebelizibeke phansi, bezishukana kucaca ukuthi womabili afuna ukunqoba.
UCheslin Kolbe ushaye iphenathi ngomzuzu ka-19, kwathi uDamien de Allende wabeka itry ngomzuzu ka-22, iNingizimu Afrika yahamba phambili ngo 17-7.
Ibuyile iNew Zealand yashaya itry ngomzuzu ka-30 kanti ize noDamien McKenzie kwaba ngu 17-14.
Ngaphambi kokuthi ziye ekhefini ukaputeni uSiya Kolisi ushaye itry ngomzuzu ka-38, kwaphunyulwa kungu 24-14.
INingizimu Afrika iphinde yasiqala kahle isiwombe sesibili, uKolbe ebeka phakathi amaphenathi amabili ngomzuzu ka-49 noka-51.
I-All Blacks ithole amaphuzu okuqala esiwombe sesibili ngomzuzu ka-66 ngesikhathi uLeroy Carter eshaya itry.
Le try yenze kwaba ngu 30-19 njengoba iNew Zealand ihlulekile ukubeka phakathi i-conversion.
Uphinde wabuya uKolbe ngomzuzu ka-72 washaya enye iphenathi amaBhokobhoko ahamba phambili ngo 33-19.
Ukaputeni we-All Blacks u-Ardea Savea ushaye itry ngomzuzu ka-77 kwashuba sekucaca ukuthi imizuzu yokugcina izoba nzima sekungu 33-26.
Nokho amaBhokobhoko abambelele agcina ewunqobile umdlalo eKapa.
Ukunqoba weNingizimu Afrika kuchaza ukuthi sezibambene ngo 1-1 njengoba la mazwe ezodlala amaTest amane.
UKolbe obe umdlali wosuku uthe: “Siyabonga eKapa baseNingizimu Afrika. Sizozama ukulokhu siqhubeka ukusuka lapha.”
“Mibili imidlalo esele sizoqhubeka nokuzama ukwenza kangcono kunalokhu ngesonto elizayo.”
Umdlalo olandelayo useFNB Stadium, eGoli, ngoMgqibelo ozayo.

