Inkakha iveza okushaya uSteve Komphela ekuqeqesheni
Alfred Ngubane
Owazakhela igama edlala kwiMoroka Swallows, uBongani Mbele, uthi into eshaya uSteve Komphela wukuhlaziya kakhulu izimbangi uma iqembu lakhe lisazilungisela.
UMbele, oneminyaka engu-36, wasebenza noKomphela kwiFree State Stars naseqenjini lesizwe lika-Under 23 phambilini.
“Manje abadlali abakuthandi lokho ngoba bafuna ukhulume isikhathi esincane,” kusho uMbele owadlala nakwiSuperSport United nakuMaZulu FC.
“USteve Komphela ngamgcina echaza kakhulu kuze kube ngathi sisesikoleni okuyinto eyayidala ukuthi abadlali bagcine bengasamuzwa.
“Uyabona uGavin Hunt yena uzokushayela kamnandi umsebenzi ngamafuphi awugoqe eduze,” kusho uMbele ebamba uhleko.
USteve Komphela njengamanje ukwiSwallows la eqashwe khona ngaphambi kokuqala kwesizini.
Ubesuka kwiMamelodi Sundowns la abesebenzisana khona ngokubambisana noRulani Mokwena noManqoba Mngqithi.
Ubukeka eseza kahle kwiDube Birds njengoba emidlalweni emihlanu yeDStv Premiership enqobe kwemibili, wadlala ngokulingana kowodwa, washaywa kwemibili.
Emdlalweni wokugcina ujikelwe yiRichards Bay esiswini njengotshwala imshaya ngo 1-0 kungazelele muntu.
ISwallows izophindela enkundleni ngoLwesibili kusihlwa la izobhekana khona neStellenbosch FC eDanie Craven emdlalweni weligi.
UMbele phinde wancoma izinga labaqeqeshi abamnyama athi bakhula kahle kakhulu kulo msebenzi.
“Ngicabanga ukuthi eminyakeni elishumi ezayo sizobe sesinabaqeqeshi abasezingeni lo mhlaba.
“Abaqeqeshi abancane bayaqala ukukhombisa ukulambela ukusebenza ngokuzikhandla ukuze bazuze impumelelo.
“Kubo ngingabala oShaun Bartlett, Vusumuzi Vilakazi, Mabhuti Khenyeza, Lehlohonolo Seema, Duncan Lechesa, Arthur Zwane…
FUNDA NALA: URiveiro usophe ukuvuka ngeDowns ngemuva kokubhacaza
“Bonke laba baqalile benza umsebenzi omuhle njengoba uRulani Mokwena yena elandela ezinyathelweni zikaPitso Mosimane, Gavin Hunt noManqoba Mngqithi.”