IBetway Premiership

‘AmaKruger’ aneminjunju yesibhaxu, angase athunukwe kanzima yiPirates

SIHLE NGUBO

Omakoti kwiligi enkulu eNingizimu Afrika, iKruger United, basakuthole kunzima kakhulu ukuzinza nokuthola imiphumela esigabeni esikhulu, iBetway Premiership.

Leli qembu, lasesifundazweni iMpumalanga, lisazama ukunqoba umdlalo walo wokuqala selokhu likhuphukile lisuka kwiMotsepe Foundation Championship.

Lisakwaze ukuthola iphuzu laba linye ngokubambana ngo 0-0 neMarumo Gallants, abazabalaza nayo emsileni kwilogi yeBetway Premiership.

‘AmaKruger’ ayivule ngomdlalo onzima imidlalo yeligi lapho abebhekene neKaizer Chiefs eMbombela Stadium.

Leli qembu likhale ngaphansi ngo 3-1 kuMakhosi, okuyinto engethusanga kakhulu ngoba belidlala umdlalo walo wokuqala esigabeni esikhulu.

Okuphawulekile ukuthi iKruger ayizange idlale ibhola elibi kulo mdlalo njengoba ikwaze nokushaya igoli ibhekene neqembu elihlonishwayo ebholeni laseNingizimu Afrika.

Ngesikhathi ivakashela iMilford FC eRichards Bay, bekubhekiwe ukuthi ibuye nokuthile ngoba ibibhekene neqembu elisanda kunyukela kwiBetway Premiership kwalona.

Nokho iKruger ibuye ishwiba izandla eMhlathuze Sports Complex njengoba ishaywe ngo 2-1.

Emdlalweni wokugcina iKruger ishayelwe ekhaya ngo 2-0 ibhekene neDurban City, okuyinto okumele iyikhathaze kakhulu ukuthi ayikatholi nephuzu elilodwa uma idlalela ekhaya.

Umdlalo olandelayo awuthembisi maphuzu kuleli qembu laseMpumalanga njengoba lizobhekana ne-Orlando Pirates, eMbombela Stadium, ngoLwesibili ngo-7.30 ebusuku.

Ompetha beligi abashayi bayavuthulula kulezi zinsuku, njengoba besanda kudedela isibhaxu kwiSekhukhune United, imidlalo emithathu kulandelana, kubalwa emibili yeMTN8.

Uma kubhekwa indlela edlala ngayo iBucs alikho ithemba lokuthi ‘amaKruger’ angathola iwini yawo yokuqala kwiBetway Premiership ngoLwesibili ebusuku.

Lokhu kungachaza ukuthi sizoqhubeka isibhaxu nokuyinto ezolicindeza kakhulu kunakuqala iqembu.