Umqeqeshi we-Arrows ucacisa okuyikona okudide abadlali bakhe koweMTN8
SIHLE NGUBO
Umqeqeshi weLamontville Golden Arrows, uPitso Dladla, uyavuma ukuthi kukhona okubadidile abadlali bakhe ngesikhathi bebhekene neMamelodi Sundowns emdlalweni womlenze wesibili weMTN8, eKing Zwelithini Stadium, eMlaza, ngeSonto.
Abafana Bes’thende bakhale ngaphansi ngo 3-2 kuBafana Bas’tyle, kanti kugcine sekungu 3-3 uma sekuhlanganiswa negoli lomlenze wokuqala.
I-Arrows iyona enqobe ngo 1-0 emlenzeni wokuqala eLucas Moripe Stadium ngeledlule.
Ngesikhathi kungu 3-1 eKing Zwelithini Stadium, bese kucaca ukuthi i-Arrows idinga amagoli amabili ukuze idlulele kowamanqamu weMTN8.
Leli qembu laseThekwini lishaye igoli ngomzuzu ka-90 kodwa abadlali bayozidansela, yize bekusadingeka elinye igoli ukuze behlule izivakashi.
UDladla uzamile ukubamemeza, ebatshela ukuthi kusadingeka elinye igoli, kodwa ngaleso sikhathi bebesajabulela igoli benganakile.
Nangesikhathi sekukhale impempe yokuqeda umdlalo (kungu 3-3) abadlali be-Arrows babukeke bengakholwa ukuthi sekuphelile ngabo kwiMTN8 ka-2026.
“Bebeqonda yonke into. Sixoxile ngobekungase kwenzeke emdlalweni,” kusho uDladla ngemuva komdlalo.
“Sibatshelile ukuthi uma kwenzeka iSundowns ishaya igoli lesibili, i-away goal rule izovuna yona ngoba thina sashaya igoli elilodwa kuphela ekuhambeni.
“Inkinga kube amagoli abeseshayiwe. Ngesikhathi kungu 3-3 (sekuhlanganiswe negoli lomlenze wokuqala) abanye bebecabanga ukuthi ngu 3-2.
“Sibatshelile ukuthi cha sidinga elinye igoli ngoba iSundowns izowunqoba umdlalo ngenxa yokushaya amagoli amaningi ekuhambeni.
“Bathe uma bezwa lokho baqala bazama ukuphusha futhi.”
Ukuphusha kwe-Arrows akubange kusaba yinto etheni ngoba ibivele isiyophela imizuzu emihlanu ebeyengezwe unompempe.
“Balwile. Benze konke okusemandleni, kube amaphutha nje omdlali ngamunye. Ngicabanga ukuthi kumele semukele umphumela manje,” kuqhuba uDladla.
“Kona kunzima ukwemukela (ukwehlulwa) ngoba senze konke okusemandleni.”
ISundowns izobhekana ne-Orlando Pirates kowamanqamu weMTN8 ngo-Okthoba 10, enkundleni esazomenyezelwa yiPSL.
I-Arrows beyiqala ukudedela amagoli selokhu kuqale isizini ka-2026/2027.
La maqembu azophinde ahlangane emdlalweni weBetway Premiership, khona eKing Zwelithini Stadium, ngeSonto ngo-3 ntambama.

