I-MTN 8

Umqeqeshi wePirates akadikibali ngokunika uMbuthuma ithuba

SIHLE NGUBO

Umqeqeshi we-Orlando Pirates, u-Abdeslam Ouaddou, uyagcizelela ukuthi uyakholelwa kumgadli wakhe uYanela Mbuthuma, yize enengcindezi yokwenza kahle eqenjini.

Lo mgadli, ofike kwiPirates evela kwiRichards Bay FC, udlala kahle kodwa into emcindeza kakhulu ukugeja amagoli alula.

Yize kunjalo kodwa u-Ouaddou akadikibali ambeke ebhentshini, uhlale ekhona kubadlali abaqala umdlalo.

NgoMgqibelo uMbuthuma ugeze igama lakhe ngesikhathi iBucs ibhekene neSekhukhune United, emlenzeni wesibili womdlalo owandulela owamanqamu weMTN8, e-Orlando Amstel Arena Stadium.

Usize uThapelo Mokobodi ukuthi ashaye igoli lokuqala ngomzuzu ka-37, waphinde washaya iphasi ethole uGamphani Lungu olibeke phakathi ngomzuzu ka-39.

IBucs inqobe lo mdlalo ngo 3-0, kanti igoli lesithathu lishaywe uKamogelo Sebelebele. Kube ngu 4-0 sekuhlanganiswe negoli lomlenze wokuqala.

IPirates iyiqembu lokuqala emlandweni ukuzibekisela indawo kowamanqamu weMTN8, amasizini amahlanu elandelana.

NgoMgqibelo abalandeli beBucs bebememeza igama likaMbuthuma, bemkhuthaza, nokuyinto ayincome kakhulu umqeqeshi u-Ouaddou.

“Akuyona imfihlo. Uma uzwa ukuthi uyakhuthazwa abalandeli bakho, bakunika umfutho namandla, kusuke kuyinto enhle,” kusho lo mqeqeshi waseMorocco.

“Engikushilo ukuthi ngesinye isikhathi kumele sibe nesineke nabadlali bethu. Uma bezwa lolu thando, bezwa lokhu kwesekwa, uyabona ukuthi yini abangakunika yona.

“Ngicabanga ukuthi kungaba isifundo ukuthi uma sesekwa abalandeli bethu unyaka wonke, likhona ithemba lokuthi singenza okuthile.”

IPirates inethuba lokunqoba iMTN8 okwesihlanu kulandelana, nokuyinto engakaze yenzeke kunoma iyiphi indebe yomkhumulajezi eNingizimu Afrika.

“Uma usufike kowamanqamu uzizwa sengathi uzowunqoba. Kumele sinqobe,” kugcizelela u-Ouaddou.

Komunye umdlalo weMTN8, owandulela owamanqamu, kuzohlangana iLamontville Golden Arrows neMamelodi Sundowns, eKing Zwelithini Stadium, eMlaza, ngeSonto ngo-3 ntambama.

Emlenzeni wokuqala kunqobe Abafana Bes’thende ngo 1-0 eLucas Moripe Stadium.