IChiefs icacisa ngenkundla ezobhekana kuyona neSiwelele
SIHLE NGUBO
Isiphithiphithi ngokuthi umdlalo weBetway Premiership, ophakathi kweKaizer Chiefs neSiwelele FC, uzodlalelwa kuyiphi inkundla, sesigcine sixazululekile.
Lo mdlalo, osusikazwe ezinkundleni eziningi ezifundazweni ezahlukene, sekuqinisekisiwe ukuthi uzodlalelwa eDobsonville Stadium, eSoweto, ngoSepthemba 6, ngo-5.30 ntambama.
Umdlalo bekumele udlalelwe eFNB Stadium ngoba ungowasekhaya weChiefs, kodwa le nkundla ngeke ikwazi ukusingatha lo mdlalo.
“Njengoba inkundla yethu ejwayelekile, iFNB Stadium, izobe ingatholakali ngoba izosingatha umdlalo omkhulu phakathi kwaMaBhokobhoko ne-All Blacks, umdlalo sibe sesiwuthuthela eRoyal Bafokeng Stadium, eRustenburg, nayo egcine ingatholakali,” kusho isitatimende seChiefs.
“Ngoba besifuna umdlalo uqhubeke, iqembu libe selibheka ukuthi iyiphi enye indlela elingenza ngayo.
“Sizame ukuyisa umdlalo eMoses Mabhida Stadium ngoSepthemba 2, sibheka uhlu lwemidlalo yeCAF ngoba inkundla izobe inomdlalo ngoSepthemba 5.
“Ngemuva kokuthola incwadi evela kule nkundla ivuma ukusingatha lo mdlalo, sibe sesixhumana nePSL kodwa satshelwa ukuthi inkundla ayikulungele ukusingatha lo mdlalo ngalolu suku, ngemuva kokuyihlola.
“Sibe sesizama ukuyodlalela lo mdlalo eNew Peter Mokaba Stadium. Nokho iPSL iphinde yathi ngeke sikwazi ukudlalela lapho.
“Ngokubambisana neStadium Management South Africa (SMSA), sifake isicelo sokuyodlalela eDobsonville Stadium, nobekuyithemba lethu lokugcina.
“I-SMSA isinike uSepthemba 6, ngeSonto, ngoba inkundla izobe inomunye umdlalo osuhleliwe.”
NgoSepthemba 5 kuzodlala iChippa United neMilford FC, eDobsonville Stadium. IChilli Boys ayikwazi ukudlalela eNelson Mandela Bay Stadium naseBaffulo City Stadium, ngoba lezi zinkundla ziyalungiswa.

