EzakamuvaI-MTN 8

Imicibisholo ye-Arrows ilinde iDowns koweMTN8 eMlaza

SIHLE NGUBO

Imicibisholo yeLamontville Golden Arrows izoyifica iloliwe iMamelodi Sundowns, uma la maqembu esetholana phezulu emdlalweni womlenze wesibili kowandulela owamanqamu weMTN8, eKing Zwelithini Stadium, eMlaza, ngeSonto ngo-3 ntambama.

Ziya kulo mdlalo nje Abafana Bes’thende yibona abasebuhleni njengoba beshaye Abafana Ba’Style ngo 1-0 emlenzeni wokuqala, eLucas Moripe Stadium, ngempelasonto edlule.

Lokhu kuchaza ukuthi akukho ukuhlala emuva bachithe isikhathi abafana bakaMiguel Cardoso, kumele bahlasele i-Arrows zisuka, ukuze bathole igoli lokulinganisa.

Uma kuyi-Arrows eshaya igoli kuqala, kuzosho ukuthi iSundowns kumele ishaye amagoli amabili ukuze idlulele phambili.

Kulo mdlalo kungayiwa kumaphenathi (asikho isikhathi esengeziwe) kuphela uma iSundowns inqoba ngo 1-0 emizuzwini engu-90.

ISundowns izoya kulo mdlalo inalo ithemba lokushaya amagoli kulandela ukucoboshisa AmaZulu FC ngo 5-2 ngoLwesithathu emdlalweni weBetway Premiership.

Nakanjani leli qembu laseChloorkop liyawadinga amagoli kodwa kuzoba nzima ukuzigwazela ibhece kwi-Arrows, ebashayele ekhaya emlenzeni wokuqala.

I-Arrows ishaye iStellenbosch FC ngo 1-0 ekhaya emdlalweni odlule weBetway Premiership, ngalo oLwesithathu.

Umqeqeshi we-Arrows, uPitso Dladla, uzofisa baphinde okufanayo noma ngaphezulu uma sebebhekene nompetha base-Afrika ngeSonto, eMlaza.

Elilodwa lala maqembu lizotholana ne-Orlando Pirates kowamanqamu weMTN8 ka-2026.

EZimnyama zidlulele kowamanqamu ngemuva kokushaya iSekhukhune United ngo 4-0 sekuhlanganiswe imilenze emibili.

ISundowns idlale nePirates kowandulela owamanqamu weMTN8 ngesizini edlule, yakhala ngaphansi (iDowns).

I-Arrows, eqeqeshwa uPitso Dladla, ike yayinqoba iMTN8 ngo-2009 isaqeqeshwa uManqoba Mngqithi.

Yabhudluza i-Ajax Cape Town ngo 6-0 kowamanqamu nokuyinto eyayiqala ukuthi iqembu linqobe ngamagoli amaningi kangaka emdlalweni wamanqamu.