EzakamuvaIbhola

UMiddendorp usaneminjunju ngendlela aphoxwa ngayo kwiChiefs

Usephumele obala u-Ernst Middendorp ngesilonda esingavumi ukwelapheka asithola ngesikhathi eqeqesha iKaizer Chiefs ihlandla lesibili eminyakeni emithathu edlule. 

Lo mqeqeshi wafika kwiChiefs ezothatha izintambo kuGiovani Solinas. IChiefs ngaleyo sizini yaqeda endaweni yesishiyagalolunye. 

Ngesizini elandelayo yahamba yaze yasala ngosuku lokugcina kwiMamelodi Sundowns eyaba ngompetha. 

Nakhona kusekhona abafungayo ukuthi ukube akuzange kuphazamise ukubheduka kweCovid-19, iChiefs yayiyomuka nayo iligi. 

IChiefs yaphoxeka ngosuku lokugcina la kwakumele ishaye khona iBaroka FC ukuze inqobe isicoco, kodwa yagcina ihlulekile, sahamba neSundowns. 

Kwaba wumdlalo wokugcina ka-Ernst Middendorp njengoba akhonjwa indlela ngemuva kwalokho. 

Ekhuluma ne-iDiski Times kuleli viki, u-Ernst Middendorp uvuleleke ngokwamphatha kabi okwenzeka ngezinsuku zakhe zokugcina eNaturena.

“Kwaba kubili okwangiphoxa kakhulu,” kuchaza lo mqeqeshi osesebenze emaqenjini amaningi ehlukene kuleli. 

“Okokuqala kwaba wukuthi ngitshelwe phambi kwabadlali ukuthi ukuqeda endaweni yesibili kuyihlazo yize sasikwazile ukuzibekela indawo kwiCaf Champions League. 

“Ngalalela kushiwo lokhu phambi kwawo wonke umuntu. Ukusuka endaweni yesishiyagalolunye siye kweyesibili… 

“Sibangisana neSundowns ngesicoco kuze kube wusuku lokugcina kwabizwa ngehlazo. Lokho kwangilimaza kakhulu emoyeni. 

“Okwesibili kwaba wukuthi uKaizer omdala wanquma ukungavalelisi kimi… Ngangingalindele ukuthi angibonge, kodwa okwenzeka akukhombisanga ubudoda.” 

U-Ernst Middendorp uthi yize esakudlulisa lokhu, kodwa namanje akazi ukuthi yini le eyenza aphoxwe phambi kwabadlali. 

“Kuze kube manje angikakatholi ukuthi kungani kwenziwa ngaleya ndlela. Kodwa ke angisekho lapho…”

Ekusukeni kwakhe kwiChiefs wabuyela kwiMaritzburg United, nakhona washeshe wadlula waya kwiMoroka Swallows. 

Uyilaxaze esithubeni iSwallows ngesizini edlule, wabuyela kwelakubo eGermany eyoqeqesha esigabeni esiphansi iSV Mappen. 

Nakhona ushiye isigubhukane wabe esethola umsebenzi eTanzania kwiSingida Fountain Gate edlala esigabeni esiphezulu. 

Ulande abaqeqeshi ababili bakuleli oThabo Senong ozoba yiphini lakhe noThembalethu Moses ozocija onozinti. 

FUNDA NALA: U-Olisa Ndah akasafuni kwiBucs? UMakaab uyacacisa

UKelvin Ndlomo yena uzololonga abadlali, aqinisekise ukuthi basesimweni esifanele. Kubhekwe ukuthi alande nabadlali kuleli.