UMngqithi uphonsela iPirates inselelo ngeseligi
Ukuqala kahle isizini kwe-Orlando Pirates kukhomba ukuthi izofaka ukushisa kompetha beligi iMamelodi Sundowns, esinqobe isicoco seligi amahlandla ayisikhombisa kulandelana.
EZimnyama seziyinqobe yonke imidlalo emihlanu yeBetway Premiership eziyidlalile kanti Sundowns seyiqhuzukile ngokushaywa yiPolokwane City ngo 1-0 ngempelasonto.
Kumasizini edlule bekuthi ngemuva kwemidlalo emine noma emihlanu, kube Abafana Ba’Style kuphela abese benqobe yonke imidlalo emine, amanye amaqembu eseqhuzukile.
Nokho uManqoba Mngqithi, oqeqesha iSundowns, uthi nanka amehlo enkanke umbombo, kuzocaca phela ukuthi siqine kangakanani isikwati sePirates.
Okwenza lo mqeqeshi asho lokhu ukuthi eZimnyama zidlala nakwiCAF Champions League okuyinto enika amaqembu ingcindezi enkulu. ISundowns iyakwazi ‘ukuncelisa amawele’ ngoba inesikwati esikhulu nabadlali abasezingeni eliphezulu.
“Ngicabanga ukuthi ngasho ekuqaleni kwesizini ukuthi ngokwami bayiqembu elizoncintisana nathi,” kusho uMngqithi.
“Ngethemba futhi ngiyathandaza ukuthi baqine ngokwanele ukuthi babhekane nemidlalo yamaqoqo (yeChampions League) neyeligi (iBetway Premiership) ngoba yilapho kuzocaca khona, kodwa ngiyakholwa ukuthi bayiqembu elihle kakhulu.
“Bazamile ukushintsha isikwati sabo ngebhadi kwangabasebenzela kwiCarling Knockout. Kodwa ukukhuluma iqiniso ngicabanga ukuthi bayiqembu elizosizela nezinkinga.”
IPirates isanda kuqukula iMTN8 okwesithathu kulandelana ngemuva kokushaya iStellenbosch FC ngo 3-1. Nokho kube nemibuzo ngesikhathi ishaywa yiMagesi FC ngo 3-2 emdlalweni weLast 16 yeCarling Knockout.
“Ngisasho kodwa ukuthi bayiqembu elingenzi kahle uma libhekene namaqembu amancane,” kusho uMngqithi.
“Kuze kube yimanje basenze kahle kodwa ake siqhubeke sibone ngoba ngicabanga ukuthi yilapho kuzocaca khona ngompetha beligi.
IBucs ishaye AmaZulu FC ngo 2-1 emdlalweni weBetway Premiership e-Orlando Stadium, ngoLwesihlanu ebusuku.