Unozinti weChiefs uncoma abadlali abasha beqembu ngokuzinikela
SIHLE NGUBO
UBruce Bvuma ubukeka eseyenze eyakhe indawo ezintini zeKaizer Chiefs selokhu enikwe ithuba lokuvimba kule sizini.
Lo nozinti kuqale isizini ekhuhla ibhentshi njengoba bekuvimba uNtwari ofike kwiChiefs evela kwiTS Galaxy. Ngemuva kokuthinteka kukaFiacre Ntwari kube sekuvimba uBrandon Peterson.
Okuhlalukile ngaleso sikhathi ukuthi iChiefs beyihluleka ukuvimba ukungena kwamagoli kwaze kwaba kuvinjiswa uBvuma.
Lo nozinti usenemidlalo emihlanu lingangeni igoli uma kuvimbe yena. Uphinde wavimba kahle iChiefs ishaya iChippa United ngo 3-0 emdlalweni weNedbank Cup Last 16 ngempelasonto.
Amakhosi azokwamukela iSuperSport United emdlalweni weBetway Premiership, eFNB Stadium, ngoLwesibili ngo-7.30 ebusuku. UBvuma ukholwa ukuthi lo mdlalo uzoba nzima kodwa bangawunqoba.
“ISuperSport yiqembu elihle kakhulu. Siyazi sonke ukuthi yini abakwazi ukuyenza, futhi banomqeqeshi omuhle uGavin (Hunt),” kusho uBvuma.
“Siyazi ukuthi kuzoba umdlalo onzima. Sesidlale nabo kabili kule sizini – sinqobe kanye sashaywa kanye.”
IChiefs ibhaxabule ezikaHunt ngo 5-0 emdlalweni weCarling Knockout. Nokho kudlule isikhashana leli qembu lasePitoli laziphindiselela lishaya Amakhosi ngo 1-0 kowePremiership.
“Siwubheke ngabomvu lo mdlalo, sizilungiselele kahle njengeqembu. Siyazi ukuthi yini abangayenza kodwa kumele sigxile kakhulu kulokho esingakwazi ukukwenza thina,” kusho uBvuma.
“Siyazi ukuthi umdlalo omkhulu lona kodwa sikulungele ukubhekana naso.”
Izinto ziyethembisa kakhulu kwiChiefs selokhu isayinise abadlali abathathu ngoJanuwari. Laba badlali, uGlody Lilepo, uTashreeq Morris noThabo Cele.
“Siyazi ukuthi njengabadlali asiyiqalanga kahle isizini kodwa into esiyifunayo ukuqeda ngegiya eliphezulu. Yilokho esikudingayo.”
“Ngicabanga ukuthi bafike bangena kahle eqenjini, uMorris, uLilepo noThabo.
“Laba abadlali abaphambili. Ngicabanga ukuthi bafike badlala kahle zisuka yingakho iqembu linqume ukubasayinisa.
“Ngiyabajabulela kakhulu futhi sikubhekile ukuthi siqhubeke sidlale nabo. Njengoba ubona bayalisiza kakhulu iqembu. Yikho ngqo esikudingayo siyasizana.”
ULilepo uvele useshaye amagoli amabili selokhu efikile ngoJanuwari. Ushaye igoli bebhekene naMaZulu FC waphinda elinye beshaya iStellenbosch ngo 1-0.
UMorris uzobe ebhekene neqembu esuka kulona okokuqala selokhu esayine kwiChiefs ngoJanuwari. Ngakolunye uhlangothi uChristian Saile naye uzobhekana neChiefs okokuqala, kanti omunye umdlali oke wayibamba kwiChiefs uSamir Nurkovic okulindeleke abe wuhlupho kubadlali basemuva.

