UBen 10 uveza ukungenami kwakhe kwiDowns ehlandleni lesibili
SIHLE NGUBO
UBongani “Ben 10” Zungu, osanda kusayina kuMaZulu FC, uthi ukubuyela kwakhe okwesibili kwiMamelodi Sundowns akuzanga nenjabulo ayeyilindele.
Lo mdlali, oneminyaka engu-32, ubegijima kuBafana Ba’Style phakathi kuka-2013 no-2016, ngaphambi kokuya ePortugal lapho ebeyodlalela iVitoria Guimaraes.
Kuleli qembu uhlale isizini eyodwa wase edlulela kwi-Amiens yaseFrance lapho efike wathi ukuzinza khona, phakathi kuka-2017 no-2022. Uke wabolekiswa kwiGlascow Rangers yaseScotland.
UZungu ubuyele eNingizimu Afrika ngo-2022 futhi akumangazanga ngesikhathi ethulwa yiSundowns ibhekene neKaizer Chiefs ekuqaleni kwesizini ka-2022/2023.
Nokho lo mdlali, oke wayibamba nakwiBafana Bafana, uthe wafika izinto zangafana nakudala eqenjini laseChloorkop.
“Kwakuyinto enhle kimina ukubuyela eqenjini engangikulona. Ngangijwayele yonke into nawo wonke umuntu laphaya,” kusho uZungu ekhuluma nabezindaba ngoLwesihlanu.
“Kodwa ngaleso sikhathi ngangingekho esimeni esihle. Nakanjani lokho kuyakushintsha ngoba phela nabadlali bangabantu.
“Kodwa kumele uzibeke wena phambili kuqala. Mhlawumbe yiso leso isizathu…ngingakunika izizathu ezingu-100 ukuthi kungani.
“Ngokwami uqobo nangokomqondo ngangingekho esimeni esikahle. Mhlawumbe yingakho ngingabange ngisaba yilo Ben 10 abantu ababemazi.
“Kodwa njengamanje ngokomqondo yilapho ngikhona manje futhi ngeneme kuMaZulu. Ngiyohlale ngibonga kwiSundowns, bayazi nomengameli uyazi…”
UZungu angase athole ithuba lokubhekana neqembu lakhe lakudala iSundowns, uma selivakashele Usuthu emdlalweni weBetway Premiership, eMoses Mabhida Stadium, ngoLwesibili ngo-3.30 ntambama.