UBilliat ubambise elimeshelayo udonga, ‘usayocabanga’
UKhama Billiat usayibambise udonga iCape Town City njengoba usihlalo wayo uJohn Comitis esola ukuthi usabheka engxenye kuqala.
UComitis wamema lo mdlali oke wagijima kwiMamelodi Sundowns neKaizer Chiefs ukuba ake azojima nabo, babone ukuthi akukho yini abangakuhlanganisa.
Kodwa yize enalo mnyango ovuliwe, uBilliat, engajoyina noma yiliphi iqembu noma nini njengoba engenankontileka ndawo kulandela ukushiya kuMakhosi.
Kumasizini amahlanu awahlale kuMakhosi, uBilliat wehluleka ukwenza izimanga ezazibhekwe kuye, kanti udlale imidlalo engu-100, washaya amagoli angu-24.
Ekhuluma nabeSportsNightsAmplified kwiMetro FM kuleli viki, uComitis uthe namanje basalinde yena uBilliat ukuthi abuyele kubo.
“Angikakhulumi naye muva nje, kodwa sakubeka kwacaca kuye, asangafihla lutho futhi silinde yena anqume ngekusasa lakhe.
“Ngicabanga ukuthi usanemizamo yokuya eMiddle East la ezofike athole khona imali engcono,” kusho uComitis.
“Ngakho thina sizohlala silinde yena ukuthi abuyele kithi azositshela ukuthi ucabange wafikaphi. Simi lapho okwamanje.”
UComitis uphinde waveza nokuthi obenguzakwabo kaBilliat kwiChiefs, oseyiphini lomqeqeshi kwiCity njengamanje, uLebogang Manyama naye useke waxoxa noBilliat.
“ULebo uke waba nengxoxo naye futhi akekho ongeke afise ukuba nomdlali ofana noBilliat eqenjini lakhe.”
Lo mdlali uke wayozama e-Egypt kwiZamalek kodwa kwambhedela kulandela ukuvuka kwesenyelo sakhe esazicija neqembu ebelifuna ukumbona ukuthi ukusiphi isimo.
IChiefs yayikade ichithe izimali ezishisiwe izama ukumelapha ngoba inesifiso sokumgcina eNaturena.
FUNDA NALA: Useshiye isigubhukane nakwiChippa uVilakazi
Kodwa kuvela ukuthi waba ukubona abakubeka etafuleni, wagcwala izintaba engasavalelisanga lo mdlali odabuka eZimbabwe.