ULorch uklolodele iPirates athi izama ukumdicilela phansi
SIHLE NGUBO
Usefake umkhonzo onzima kwi-Orlando Pirates, uThembinkosi Lorch, osanda kushiya kuleli qembu, wafudukela kwiMamelodi Sundowns.
Lo mdlali, obengaconsi phansi kubalandeli beBucs, uzwakale esekhathele ukugxekwa ngokujoyina Abafana Ba’Style.
Uveze nokuthi kukhona ngandlela thile abePirates abazama ukumdicilela phansi ngayo noma engazange esayiveza.
Ubhale wathi: “Bayekeni bazame ukungidicilela phansi. Kodwa umhla ka-17 ususeduze.”
ISundowns izobhekana nePirates emdlalweni weDStv Premiership eLoftus Stadium, ngoFebhuwari 17, ngo-8 ebusuku.
Kulo mdlalo uThembinkosi Lorch angase abhekane okokuqala neqembu asuka kulona, iPirates.
Akungabazeki ukuthi lo mdlali uyobe efuna ukukhombisa abalandeli bePirates ukuthi ngeke kumphuphise ukuya kwiSundowns, njengoba abanye besho ezinkundleni zokuxhumana.
Kubacasulile abalandeli bePirates ukuhamba kukaThembinkosi Lorch kangangoba abafuni nokubona into ebhalwe ngaye.
ISundowns iyona eqhwakele kwilogi yeDStv Premiership ngamaphuzu angu-38.
Uma kubuya imidlalo yePremiership izobhekana neLamontville Golden Arrows eMpumalanga Stadium, ngoFebhuwari 14.
Ngemuva kwalokho kuzobe sekulandela umdlalo obhekwe ngabomvu ezowudlala neBucs, eLoftus Stadium.
Ngasohlangothini lwePirates isendaweni yesihlanu kwilogi ngamaphuzu angu-25.
FUNDA NALA:Â INigeria izobhekana neBafana ehlukile
Ngaphambi kokubhekana neSundowns izodlala neChippa United e-Orlando Stadium, ngoFebhuwari 13.

