EzakamuvaIbhola

URulani wayesevumile ukuhamba noPitso, pho wavinjwa yini?

Sekuvele ukuthi ngesikhathi uPitso Mosimane eshiya kwiMamelodi Sundowns eya kwi-Al Ahly, wayehlele ukuhamba nephini lakhe uRulani Mokwena. 

Empeleni nje naye uRulani wayesevumile, kodwa wajika ngemizuzu yokugcina, wathi yena useyahlala kwiSundowns. 

Lokhu kuvezwe yintatheli yeSABC Sport, uVelile Mnyandu, ethamele icala eliphakathi kukaPitso neSundowns eSouth Gauteng High Court. 

“Enkantolo kuphinde kwavela ukuthi umqeqeshi uRulani kwakumele ngabe waba yingxenye yethimba lomqeqeshi uPitso kwi-Al Ahly. 

“Umqeqeshi uRulani wajika umqondo sekusele amahora amabili bahambe,” kusho uMnyandu kwiRadio 2000.

“Kusolwa ukuthi iSundowns yamthembisa umsebenzi wokuba ngumqeqeshi ngokuzimele ukuze ahlale. 

Ngesikhathi uPitso eshiya, uRulani waqokwa waba ngumqeqeshi ngokubambisana noManqoba Mngqithi ababengamaphini kaPitso naye. 

Kodwa ngokuhamba kwesikahthi, uManqoba wasuswa, wanikwa esokuba yiSenior Coach, uRulani waba ngumqeqeshi ngokugcwele. 

Kuvela lezi zindaba enkantolo nje umbango ophakathi kukaMosimane neSundowns ngowemali yesibonelelo eyakhokhela lo mqeqeshi ngesikhathi esayina inkontileka entsha. 

ISundowns ikhala ngokuthi kumele ayibuyise lemali ngoba wasephula isivumelwano ayesisayinile ngokuhamba kungakapheli nezinyanga ezintathu esayinile.

Le mali efunwa yiSundowns ibalelwa ku-R8.6-million. UMosimane yena uthi wavunyelwa owayengumengameli weSundowns ngaleso sikhathi, uPatrice Motsepe ukuthi ahambe.